UHezekeli 25

25
Iziprofetho ngo-Amoni, noMowabi, no-Edomi, namaFilisti
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uprofethe ngabo, 3uthi kubantwana bakwa-Amoni: ‘Zwanini izwi leNkosi uJehova; isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa, nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni, 4bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo, bamise amakamu* abo phakathi kwakho, babeke amakhaya abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho. 5Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela, abantwana bakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova. 6Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni, 7bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”
8 “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba oMowabi noSeyiri besho ukuthi: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke izizwe,” 9bheka, ngalokho ngiyakuvula umthambeka kaMowabi angabe esaba nemizi, kusukela emizini yasemikhawulweni, ubukhosi bezwe: iBeti Jeshimoti, neBali Mehoni, neKiriyatayimi, 10ngiwunike abasempumalanga kanye nabantwana bakwa-Amoni, ube yifa labo, ukuze abantwana bakwa-Amoni bangabe besakhunjulwa phakathi kwezizwe, 11ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”
12 “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba u-Edomi ephathe indlu yakwaJuda ngokuphindisela, wacunula nokucunula, waziphindisela kubo, 13ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku-Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane, ngimenze ize kusukela eThemani, bawe ngenkemba kuze kube seDedani. 14Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.’ ”
15 “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba amaFilisti enze impindiselo, ephindisele nokuphindisela ngamafundululu emphefumulweni ukuchitha ngobutha obungapheliyo, 16ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle. 17Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 25: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume