U-Eksodusi 18:13-27

U-Eksodusi 18:13-27 ZUL59

Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: “Kuyini lokhu obenzela khona bantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?” UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu. Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.” Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa. Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: ‘Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu, ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza. Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi. Akube yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube lula kuwe, zithwalisane nawe. Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba namandla okuma, nabo bonke laba bantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.’ ” UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo. UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi. Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo. UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Eksodusi 18:13-27