Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu. Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga. Yayisithi inkosi kuye: “Ukhala ngani, nkosikazi Esteri, na? Yini oyifunayo na? Uyakunikwa kuze kube nenxenye yombuso.”
Funda U-Esteri 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Esteri 5:1-3
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo