Kwabase-Efesu 5:15-21

Kwabase-Efesu 5:15-21 ZUL59

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, nithobelane ngokumesaba uKristu.