Kwabase-Efesu 1:1-9

Kwabase-Efesu 1:1-9 ZUL59

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu Jesu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe; wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo; esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda, esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili