Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;” yebo, lingakabi mnyama ilanga, nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula, ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela, amadoda anamandla agobe, abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana, abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe, iminyango ivalwe esitaladini, lapho umsindo wokusila uncipha, umuntu avuke ngezwi lenyoni, izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe; nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi* ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari* zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini
Funda UmShumayeli 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UmShumayeli 12:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo