UmShumayeli 1

1
Konke kuyize leze
1Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.
2 “Ize leze,” usho uMshumayeli,
“ize leze, konke kuyize.”
3 Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe
awushikashikayo phansi kwelanga na?
4 Isizukulwane siyamuka,
isizukulwane siyeza,
kepha umhlaba umi phakade.
5 Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona,
lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.
6Umoya uya ngaseningizimu,
uzungeze, uye ngasenyakatho;
uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo,
nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.
7Yonke imifula iyangena elwandle,
kepha ulwandle alugcwali;
endaweni eya kuyo imifula,
ibuye iye khona njalo.
8 Zonke izinto ziyakhandleka,
akakho ongakuphimisa;
iso alisuthi ngokubona,
nendlebe ayigcwali ngokuzwa.
9 Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona,
nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa;
akukho okusha phansi kwelanga.
10Kukhona yini into okuthiwa ngayo:
“Bheka, intsha le.”
Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.
11Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile,
nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo
phakathi kwabalandela bona.
Nokufuna ukuhlakanipha kuyize
12 Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. 13 Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. 14 Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya. 15 Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.
16 Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.” 17 Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya. 18Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.

Okuqokiwe okwamanje:

UmShumayeli 1: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume