UDuteronomi 13:1-3

UDuteronomi 13:1-3 ZUL59

“Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso, isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka, athi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze,’ awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?