IzEnzo 27:27-44

IzEnzo 27:27-44 ZUL59

Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile. Base bephonsa intambo yokulinganisa, bafumana kungamafatome* angamashumi amabili; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi, bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu; besaba ukuthi mhlawumbe singashayeka ezindaweni ezinamadwala, baphonsa amahange* amane ngasemuva, bafisa ukuba kuse. Abomkhumbi sebefuna ukubaleka emkhunjini, behlisela isikebhe elwandle ngokungathi bazakuphonsa amahange* enhlokweni yomkhumbi, uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.” Khona amabutho anquma amagoda esikebhe, asidedela sawa. Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho. Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. Base bema isibindi bonke, badla nabo. Thina sonke esasisemkhunjini besingabantu abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesithupha. Sebesuthi ukudla benza lula umkhumbi belahla ukolweni elwandle. Sekusile, abalazanga izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka. Banquma amahange* bawashiya elwandle, bathukulula futhi izintambo zamaphini okuqondisa, baphakamisela emoyeni indwangu ephambili, baqonda ogwini. Batheleka endaweni enolwandle nxazombili, baqhubela umkhumbi kuyo, inhloko yomkhumbi yagxumekeka, yema ingenakunyakaziswa, kepha ingasemuva laphulwa ngamandla amaza. Kepha amabutho ayehlosa ukubulala iziboshwa, funa ezinye zibaleke ngokuhlamba; kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini, nabaseleyo bafike, abanye ngamapulangwe, abanye ngezinye izinto zomkhumbi. Kanjalo-ke kwenzeka ukuba bonke baphumele emhlabathini besindile.

Funda IzEnzo 27

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 27:27-44