2 AmaKhosi 2

2
U-Eliya uyamukelwa ezulwini
1Kwathi lapho uJehova ebeyakumkhuphula u-Eliya aye ezulwini ngesivunguvungu, u-Eliya wasuka eGiligali no-Elisha. 2U-Eliya wathi ku-Elisha: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele.”
Kepha u-Elisha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya.” Behlela-ke eBethele.
3Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma, aya ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?”
Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.”
4U-Eliya wathi kuye: “Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko.”
Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bafika-ke eJeriko.
5Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?”
Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.”
6U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.”
Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili.
7Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani. 8 U-Eliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.
9 Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe.”
Wathi u-Elisha: “Makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami.”
10Kepha wathi: “Ucele into elukhuni; nokho, uma ungibona lapha ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe; kodwa uma ungangiboni, akuyikuba njalo.”
11 Kwathi beselokhu behamba bekhuluma, bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo, kwabahlukanisa bobabili; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu. 12 U-Elisha wakubona, wamemeza wathi: “Baba, baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabe esambona futhi; wabamba izingubo zakhe, waziklebhula kabili.
U-Elisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe
13 Wacosha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lwaseJordani. 14Wayithatha ingubo ka-Eliya ebiwile kuye, washaya amanzi, wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na?” Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; u-Elisha wawela.
15Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe. 16 Athi kuye: “Bheka, kukhona phakathi kwezinceku zakho amadoda angamashumi ayisihlanu anamandla; mawahambe, afune inkosi yakho; kumbe uMoya kaJehova umkhuphulile, wamlahla entabeni ethile noma esigodini esithile.”
Kepha wathi: “Ningawathumi.”
17Amncengisisa waze waba namahloni; wayesethi: “Thumani.” Ayesethuma abantu abangamashumi ayisihlanu; bamfuna izinsuku ezintathu, kepha abamtholanga. 18Babuyela kuye esahlezi eJeriko; wathi kubo: “Angishongo yini kini ukuthi: ‘Ningahambi,’ na?”
19 Kepha abantu bomuzi bathi ku-Elisha: “Bheka, isiza somuzi sihle, njengokuba inkosi ibona, kepha amanzi mabi, izwe liyabhulubisa.”
20Wathi: “Ngiletheleni isitsha esisha, nibeke usawoti kuso.” Basiletha kuye.
21Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngelaphile lawa manzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba.’ ” 22Elashwa-ke amanzi kuze kube namuhla njengezwi lika-Elisha alikhulumayo.
23Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endlelni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlandini! Yenyuka wena mpandlandini!” 24Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere* amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo. 25Wasuka khona, waya entabeni yaseKarmeli; esuka lapho wabuyela eSamariya.

Okuqokiwe okwamanje:

2 AmaKhosi 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume