UJehoshafati wayenengcebo nodumo olukhulu, wahlangana ngobuhlobo no-Ahabi. Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi. U-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami, siye eRamoti Gileyadi, na?” Wathi kuye: “Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.” UJehoshafati wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Ake ubuze namuhla izwi likaJehova.”
Funda 2 iziKronike 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 iziKronike 18:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo