1 uSamuweli 2:1-10

1 uSamuweli 2:1-10 ZUL59

UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyethaba kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho. “Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu. Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye. “Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe, kepha abakhubekayo babhinciswa amandla. Ababesuthile baqashelwa isinkwa; ababelambile sebeyekile ukulamba; yebo, oyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyawuma. “UJehova uyabulala, abesephilisa; uyehlisela endaweni yabafileyo, abesenyusa. UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa. Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo. “Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla. Abalwa noJehova bayakuphahlazwa; uyakuduma ezulwini phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela amajukujuku omhlaba, anike inkosi yakhe amandla, aphakamise uphondo logcotshiweyo wakhe.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 uSamuweli 2:1-10