1 uSamuweli 19:1-7

1 uSamuweli 19:1-7 ZUL59

USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide. UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe; ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lapho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.” UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu; wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?” USawule walilalela izwi likaJonathani; uSawule wafunga wathi: “Kuphila kukaJehova, akayikubulawa.” UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala.