Ngokuba uma niguqula ngokuphelele izindlela zenu nezenzo zenu; uma nahlulela ngokuphelele phakathi komuntu nomakhelwane wakhe;
Uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, ningalandeli abanye onkulunkulu, kube kukubi;
Ngiyakunihlalisa kule ndawo, ezweni engalinika oyihlo, kuze kube phakade naphakade.