1
U-Isaya 35:10
Contemporary Zulu Bible 2024
Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni behlabelela, benokuthokoza okuphakade emakhanda abo; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa, kubaleke usizi nokububula.
Qhathanisa
Hlola U-Isaya 35:10
2
U-Isaya 35:3-4
Qinisani izandla ezibuthakathaka, niqinise amadolo abuthakathaka. Khulumani kwabesaba inhliziyo ukuthi: Qinani, lingesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza nempindiselo, uNkulunkulu enempindiselo; uzoza anisindise.
Hlola U-Isaya 35:3-4
3
U-Isaya 35:8
Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.
Hlola U-Isaya 35:8
4
U-Isaya 35:5
Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivulwe nezindlebe zabayizithulu.
Hlola U-Isaya 35:5
5
U-Isaya 35:6
Khona oyisishosha uyakugxuma njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba kuyakubhoboka amanzi ogwadule, nemifudlana ehlane.
Hlola U-Isaya 35:6
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo