Ngakho-ke ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, ngaphandle kolaka nokungabaza.
Kanjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda; kungabi ngezinwele ezalukiweyo, negolide, namaparele, nezambatho ezinenani elikhulu;
Kodwa (okufanele abesifazane abathi besaba uNkulunkulu) benze imisebenzi emihle.