1
NgokukaMathewu 19:26
IsiZulu 2020
Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”
Qhathanisa
Hlola NgokukaMathewu 19:26
2
NgokukaMathewu 19:6
Ngalokho-ke abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa muntu.”
Hlola NgokukaMathewu 19:6
3
NgokukaMathewu 19:4-5
Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wayesethi: ‘Ngenxa yalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo: labo ababili bayakuba nyamanye’ na?
Hlola NgokukaMathewu 19:4-5
4
NgokukaMathewu 19:14
Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”
Hlola NgokukaMathewu 19:14
5
NgokukaMathewu 19:30
Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabangabokugcina bayakuba ngabokuqala.”
Hlola NgokukaMathewu 19:30
6
NgokukaMathewu 19:29
Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.
Hlola NgokukaMathewu 19:29
7
NgokukaMathewu 19:21
UJesu wathi kuyo: “Uma uthanda ukuba ngopheleleyo, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, yikhona uyoba negugu ezulwini, bese uza ungilandele.”
Hlola NgokukaMathewu 19:21
8
NgokukaMathewu 19:17
Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”
Hlola NgokukaMathewu 19:17
9
NgokukaMathewu 19:24
Futhi ngithi kini: kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.”
Hlola NgokukaMathewu 19:24
10
NgokukaMathewu 19:9
Namanje ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, bese eganwa ngomunye, uyaphinga. Nalowo oganwa ngolahliweyo uyaphinga.”
Hlola NgokukaMathewu 19:9
11
NgokukaMathewu 19:23
Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: kulukhuni konothileyo ukungena embusweni wezulu.
Hlola NgokukaMathewu 19:23
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo