1
NgokukaJohane 15:5
IsiZulu 2020
“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha. Ohlala kimi, nami kuye, lowo-ke uthela izithelo eziningi, ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
Qhathanisa
Hlola NgokukaJohane 15:5
2
NgokukaJohane 15:4
Hlalani kimi, nami kini. Njengokuba igatsha lingezithele izithelo ngokwalo, kuphela uma lisemvinini, kanjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.
Hlola NgokukaJohane 15:4
3
NgokukaJohane 15:7
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
Hlola NgokukaJohane 15:7
4
NgokukaJohane 15:16
Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.
Hlola NgokukaJohane 15:16
5
NgokukaJohane 15:13
Akekho onothando olwedlula olokuba umuntu adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe.
Hlola NgokukaJohane 15:13
6
NgokukaJohane 15:2
Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Kepha yilelo nalelo elithela izithelo, uyalithena ukuze lithele kakhulu.
Hlola NgokukaJohane 15:2
7
NgokukaJohane 15:12
“Yilo umyalo wami wokuba nithandane njengalokho nami nginithandile.
Hlola NgokukaJohane 15:12
8
NgokukaJohane 15:8
UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu, ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.
Hlola NgokukaJohane 15:8
9
NgokukaJohane 15:1
“Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi.
Hlola NgokukaJohane 15:1
10
NgokukaJohane 15:6
Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.
Hlola NgokukaJohane 15:6
11
NgokukaJohane 15:11
“Nginitshelile lokhu ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime.”
Hlola NgokukaJohane 15:11
12
NgokukaJohane 15:10
Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.
Hlola NgokukaJohane 15:10
13
NgokukaJohane 15:17
Nginiyala ngalezo zinto ukuze nithandane.”
Hlola NgokukaJohane 15:17
14
NgokukaJohane 15:19
Ukuba beningabezwe, izwe belizakunithanda ngokuba ningabalo, kodwa lokhu ningesibo abalo, kodwa nganikhetha Mina ezweni, kungakho izwe linizonda.
Hlola NgokukaJohane 15:19
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo