Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana namaFilisti, ngaphambi kokuba uFaro alinqobe iGaza, lathi: Usho kanje uSimakade, uthi:
“Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,
azakuba ngumfula okhukhulayo,
azokhukhula izwe nokukulo,
umuzi nabakhe kuwo.
Abantu bayakukhala;
bonke abakhe ezweni
bayakukhala, bakhihle isililo.