UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami,
ngokuba uSimakade ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile,
ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
nokudedelwa kweziboshwa ejele.
Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade
nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu,
ngiduduze bonke abalilayo,
ngenze ukuba abalilayo eZiyoni
baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha;
amafutha enjabulo esikhundleni sokulila;
ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo;
ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga,
nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.