1
IGenesisi 9:12-13
IsiZulu 2020
UNkulunkulu wayesethi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani, nazo zonke izizukulwane ezisazozalwa: Uthingo lwenkosazana ngilubeke emafini, ukuze lube wuphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.
Qhathanisa
Hlola IGenesisi 9:12-13
2
IGenesisi 9:16
Kuyothi njalo uma kuvela uthingo lwenkosazana emafini, ngilubheke qede ngikhumbule isivumelwano saphakade esikhona phakathi kwami nezilwane zonke eziphilayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”
Hlola IGenesisi 9:16
3
IGenesisi 9:6
“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.
Hlola IGenesisi 9:6
4
IGenesisi 9:1
UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba.
Hlola IGenesisi 9:1
5
IGenesisi 9:3
Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke.
Hlola IGenesisi 9:3
6
IGenesisi 9:2
Konke ngikwethula ezandleni zenu: izinyoni zezulu nezilwane zonke zomhlaba, nezilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinhlanzi zolwandle; kuyakwehlelwa wuvalo, kunesabe, kuthuthumele.
Hlola IGenesisi 9:2
7
IGenesisi 9:7
Kepha nina zalanani nande, nigcwalise umhlaba, nande kuwo.”
Hlola IGenesisi 9:7
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo