1
IDutheronomi 7:9
IsiZulu 2020
Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane
Qhathanisa
Hlola IDutheronomi 7:9
2
IDutheronomi 7:6
Ngokuba uyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho. USimakade uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe esiyifa lakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
Hlola IDutheronomi 7:6
3
IDutheronomi 7:8
Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.
Hlola IDutheronomi 7:8
4
IDutheronomi 7:7
“USimakade akanithandanga nje kuphela, akanikhethanga kunezinye izizwe ngoba nibaningi; naniyingcosana kunezizwe zonke.
Hlola IDutheronomi 7:7
5
IDutheronomi 7:14
Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, akuyukuba bikho phakathi kwenu owesilisa ongenanzalo nowesifazane oyinyumba, naphakathi kwemfuyo yenu.
Hlola IDutheronomi 7:14
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo