1
KwabaseKholose 2:6-7
IsiZulu 2020
Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye, nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga.
Qhathanisa
Hlola KwabaseKholose 2:6-7
2
KwabaseKholose 2:8
Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.
Hlola KwabaseKholose 2:8
3
KwabaseKholose 2:13-14
Nani-ke ebenifile ngeziphambeko zenu nokungasokwa kwenyama yenu, wanenza ukuba niphile kanye naye, esithethelela zonke iziphambeko zethu. Wayesula incwadi yecala lethu, eyayimelene nathi ngemiyalo ekuyo, wayisusa ngokuyibethela esiphambanweni.
Hlola KwabaseKholose 2:13-14
4
KwabaseKholose 2:9-10
Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu. Nina niphelelisiwe kuye, oyinhloko yemibuso yonke namandla
Hlola KwabaseKholose 2:9-10
5
KwabaseKholose 2:16-17
Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha, okuyisithunzi nje salokhu obekuzofika, kodwa okuyikhonakhona nguKhristu.
Hlola KwabaseKholose 2:16-17
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo