1
1 KaJohane 2:15-16
IsiZulu 2020
Ningalithandi izwe nezinto ezikulo. Uma umuntu ethanda izwe, alukho kuye uthando lukaYise. Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni.
Qhathanisa
Hlola 1 KaJohane 2:15-16
2
1 KaJohane 2:17
Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
Hlola 1 KaJohane 2:17
3
1 KaJohane 2:6
Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena.
Hlola 1 KaJohane 2:6
4
1 KaJohane 2:1
Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo.
Hlola 1 KaJohane 2:1
5
1 KaJohane 2:4
Lo othi: “Ngiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso.
Hlola 1 KaJohane 2:4
6
1 KaJohane 2:3
Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi Yena, uma siyigcina imiyalo yakhe.
Hlola 1 KaJohane 2:3
7
1 KaJohane 2:9
Umuntu othi usekukhanyeni, kodwa abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube manje.
Hlola 1 KaJohane 2:9
8
1 KaJohane 2:22
Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye lowo ophika ukuthi uJesu unguKhristu na? Yilowo ongumphikukhristu, ophika uYise neNdodana.
Hlola 1 KaJohane 2:22
9
1 KaJohane 2:23
Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise, kodwa oyivumayo iNdodana unaye noYise.
Hlola 1 KaJohane 2:23
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo