1
1 KwabaseKhorinte 15:58
IsiZulu 2020
Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Qhathanisa
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:58
2
1 KwabaseKhorinte 15:57
Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Khristu.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:57
3
1 KwabaseKhorinte 15:33
Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:33
4
1 KwabaseKhorinte 15:10
Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:10
5
1 KwabaseKhorinte 15:55-56
“Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?” Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:55-56
6
1 KwabaseKhorinte 15:51-52
Manje senginitshela imfihlakalo; asiyukulala sonke, kodwa sonke siyakuguqulwa, ngomzuzwana nje, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina. Ngokuba kuyakukhala icilongo, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:51-52
7
1 KwabaseKhorinte 15:21-22
Ngokuba lokhu, ukufa kweza ngomuntu, nokuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, kanjalo-ke nakuKhristu bonke bayaphiliswa.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:21-22
8
1 KwabaseKhorinte 15:53
Ngokuba okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:53
9
1 KwabaseKhorinte 15:25-26
Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe. Isitha sokugcina esiyakubhujiswa ngukufa.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 15:25-26
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo