1
1 KwabaseKhorinte 12:7
IsiZulu 2020
Kepha yilowo nalowo uphiwa okokubonakalisa uMoya ukuba basizakale abanye.
Qhathanisa
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:7
2
1 KwabaseKhorinte 12:27
Manje-ke, nina ningumzimba kaKhristu, yilowo nalowo uyisitho nabanye.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:27
3
1 KwabaseKhorinte 12:26
Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:26
4
1 KwabaseKhorinte 12:8-10
Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya. Omunye uphiwa ukukholwa nguye lowo Moya, omunye aphiwe iziphiwo zokuphulukisa nguye lowo Moya munye; omunye uphiwa ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuphrofetha, omunye ukwehlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:8-10
5
1 KwabaseKhorinte 12:11
Konke lokho kwenziwa nguye lowo Moya munye, owabela lowo nalowo ngokuthanda kwakhe.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:11
6
1 KwabaseKhorinte 12:25
ukuze kungabi bikho ukwehlukana emzimbeni, kodwa izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:25
7
1 KwabaseKhorinte 12:4-6
Kukhona iziphiwo ezahlukeneyo, kodwa zivela kuMoya munye. Kukhona imisebenzi eyehlukene yokukhonza, kodwa ivela kuyo leyo Nkosi. Kukhona imisebenzi eminingi eyehlukahlukene, kodwa uNkulunkulu munye osebenza kukho konke, nakubo bonke.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:4-6
8
1 KwabaseKhorinte 12:28
UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:28
9
1 KwabaseKhorinte 12:14
Ngokuba umzimba awusiso isitho esisodwa, kodwa eziningi.
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:14
10
1 KwabaseKhorinte 12:22
Kepha kunalokho, lezo zitho zomzimba okungathi zibuthakathaka kunezinye, ziyadingeka
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:22
11
1 KwabaseKhorinte 12:17-19
Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na? Kepha manje uNkulunkulu umisile izitho, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma zonke zaziyisitho esisodwa, ngabe uphi umzimba na?
Hlola 1 KwabaseKhorinte 12:17-19
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo