1
KwabaseRoma 8:28
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.
Qhathanisa
Hlola KwabaseRoma 8:28
2
KwabaseRoma 8:38-39
Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
Hlola KwabaseRoma 8:38-39
3
KwabaseRoma 8:26
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa
Hlola KwabaseRoma 8:26
4
KwabaseRoma 8:31
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
Hlola KwabaseRoma 8:31
5
KwabaseRoma 8:1
Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.
Hlola KwabaseRoma 8:1
6
KwabaseRoma 8:6
Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.
Hlola KwabaseRoma 8:6
7
KwabaseRoma 8:37
Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.
Hlola KwabaseRoma 8:37
8
KwabaseRoma 8:18
Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.
Hlola KwabaseRoma 8:18
9
KwabaseRoma 8:35
Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?
Hlola KwabaseRoma 8:35
10
KwabaseRoma 8:27
kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
Hlola KwabaseRoma 8:27
11
KwabaseRoma 8:14
Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.
Hlola KwabaseRoma 8:14
12
KwabaseRoma 8:5
Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya.
Hlola KwabaseRoma 8:5
13
KwabaseRoma 8:32
Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?
Hlola KwabaseRoma 8:32
14
KwabaseRoma 8:16-17
Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.
Hlola KwabaseRoma 8:16-17
15
KwabaseRoma 8:7
Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze
Hlola KwabaseRoma 8:7
16
KwabaseRoma 8:19
Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
Hlola KwabaseRoma 8:19
17
KwabaseRoma 8:22
Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje
Hlola KwabaseRoma 8:22
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo