1
NgokukaMathewu 7:7
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
Qhathanisa
Hlola NgokukaMathewu 7:7
2
NgokukaMathewu 7:8
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.
Hlola NgokukaMathewu 7:8
3
NgokukaMathewu 7:24
“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
Hlola NgokukaMathewu 7:24
4
NgokukaMathewu 7:12
Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
Hlola NgokukaMathewu 7:12
5
NgokukaMathewu 7:14
Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.
Hlola NgokukaMathewu 7:14
6
NgokukaMathewu 7:13
“Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.
Hlola NgokukaMathewu 7:13
7
NgokukaMathewu 7:11
Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.
Hlola NgokukaMathewu 7:11
8
NgokukaMathewu 7:1-2
“Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Hlola NgokukaMathewu 7:1-2
9
NgokukaMathewu 7:26
Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi.
Hlola NgokukaMathewu 7:26
10
NgokukaMathewu 7:3-4
“Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na? Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho.
Hlola NgokukaMathewu 7:3-4
11
NgokukaMathewu 7:15-16
“Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na?
Hlola NgokukaMathewu 7:15-16
12
NgokukaMathewu 7:17
Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.
Hlola NgokukaMathewu 7:17
13
NgokukaMathewu 7:18
Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle.
Hlola NgokukaMathewu 7:18
14
NgokukaMathewu 7:19
Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.
Hlola NgokukaMathewu 7:19
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo