1
NgokukaMathewu 27:46
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Qhathanisa
Hlola NgokukaMathewu 27:46
2
NgokukaMathewu 27:51-52
Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka
Hlola NgokukaMathewu 27:51-52
3
NgokukaMathewu 27:50
UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
Hlola NgokukaMathewu 27:50
4
NgokukaMathewu 27:54
Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”
Hlola NgokukaMathewu 27:54
5
NgokukaMathewu 27:45
Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
Hlola NgokukaMathewu 27:45
6
NgokukaMathewu 27:22-23
UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.” Wayesethi: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”
Hlola NgokukaMathewu 27:22-23
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo