Nabezizwe abazihlanganisa noJehova
ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova
ukuba babe yizinceku zakhe
bonke abaligcina isabatha, bangaloni,
nababambelela esivumelwaneni sami,
yebo, nabo ngiyakubayisa
entabeni yami engcwele,
ngibathokozise endlini yami yokukhuleka;
iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo
iyakwamukeleka e-altare lami,
ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi
indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”