1
UmShumayeli 3:1
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.
Qhathanisa
Hlola UmShumayeli 3:1
2
UmShumayeli 3:2-3
Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa, isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo; isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha
Hlola UmShumayeli 3:2-3
3
UmShumayeli 3:4-5
isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka, isikhathi sokulila nesikhathi sokusina; isikhathi sokuphonsa amatshe nesikhathi sokuqoqa amatshe, isikhathi sokugona nesikhathi sokungagoni
Hlola UmShumayeli 3:4-5
4
UmShumayeli 3:7-8
isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga, isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma; isikhathi sokuthanda nesikhathi sokuzonda, isikhathi sokulwa nesikhathi sokuzola.
Hlola UmShumayeli 3:7-8
5
UmShumayeli 3:6
isikhathi sokufuna nesikhathi sokulahlekelwa, isikhathi sokugcina nesikhathi sokuhlahla
Hlola UmShumayeli 3:6
6
UmShumayeli 3:14
Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.
Hlola UmShumayeli 3:14
7
UmShumayeli 3:17
Ngase ngithi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi, ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke nesemisebenzi yonke.”
Hlola UmShumayeli 3:17
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo