1
UDuteronomi 4:29
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
Qhathanisa
Hlola UDuteronomi 4:29
2
UDuteronomi 4:31
ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.
Hlola UDuteronomi 4:31
3
UDuteronomi 4:24
Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.
Hlola UDuteronomi 4:24
4
UDuteronomi 4:9
“Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho
Hlola UDuteronomi 4:9
5
UDuteronomi 4:39
“Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.
Hlola UDuteronomi 4:39
6
UDuteronomi 4:7
Ngokuba yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoJehova uNkulunkulu wethu, enjalo nanini lapho simbiza, na?
Hlola UDuteronomi 4:7
7
UDuteronomi 4:30
Uma usekuhluphekeni, zikwehlela zonke lezi zinto, uyakuphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe
Hlola UDuteronomi 4:30
8
UDuteronomi 4:2
Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
Hlola UDuteronomi 4:2
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo