1
UDuteronomi 18:10-11
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.
Qhathanisa
Hlola UDuteronomi 18:10-11
2
UDuteronomi 18:12
Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.
Hlola UDuteronomi 18:12
3
UDuteronomi 18:22
yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.
Hlola UDuteronomi 18:22
4
UDuteronomi 18:13
Mawuphelele kuJehova uNkulunkulu wakho.
Hlola UDuteronomi 18:13
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo