1
2 AmaKhosi 6:17
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.
Qhathanisa
Hlola 2 AmaKhosi 6:17
2
2 AmaKhosi 6:16
Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”
Hlola 2 AmaKhosi 6:16
3
2 AmaKhosi 6:15
Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?”
Hlola 2 AmaKhosi 6:15
4
2 AmaKhosi 6:18
Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.
Hlola 2 AmaKhosi 6:18
5
2 AmaKhosi 6:6
Wathi lowo muntu kaNkulunkulu: “Iwelephi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta.
Hlola 2 AmaKhosi 6:6
6
2 AmaKhosi 6:5
Kwathi lapho omunye esegawula umshayo, insimbi yawela emanzini; wakhala wathi: “Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!”
Hlola 2 AmaKhosi 6:5
7
2 AmaKhosi 6:7
Wayesethi: “Yikhuphule.” Welula isandla sakhe, wayithatha.
Hlola 2 AmaKhosi 6:7
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo