Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 8:28
Umsindisi kuze kube Phakade
izinsuku ezingu 3
Mema izisekelo zemibhalo yakudala ezitholakala emculweni wokudumisa wesimanje ukuze zikuholele emuzweni wokuhlangana noMsindisi wethu waphakade, uJesu Kristu. Usuku ngalunye lwalolu hlelo lwevidiyo olusheshayo lwethula ingoma nombhalo ndawonye ukuze uzindle. Ilungele abantu ngabanye noma umeme iqembu elincane labangani ukuthi nihlanganyele ndawonye.
Setha Kabusha Ngemva KwePhasika: Uhlelo Lokuphumula Lwe-YouVersion Lwabefundisi
izinsuku ezingu 3
Ngoba inani lababekhona livame ukwanda ngeSonto lapho amaKristu agubha khona Uvuko lukaJesu, impelasonto yePhasika imelela esinye sezikhathi ezinomvuzo kakhulu - nezinselele - zonyaka kubaholi besonto. Sidale lolu hlelo olulalelwayo lwe-YouVersion Rest Plan ukuze sisize izisebenzi zesonto zigubhe konke lokho uNkulunkulu akwenzile, ziphumule emsebenzini owenziwe ukulungisa nokuwenza, futhi silungise kabusha inkonzo ezayo.
Nginethemba
Izinsuku eziwu 4
Ukulindela okuhle akuncikile kulokho esikubonayo—kusukela kulokho uNkulunkulu akushoyo. Lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezine oluvela ku-Life.Church lembula izizathu eziyisishiyagalombili ezivela kwabaseRoma 8 ukuze sihlale sinethemba elingantengantengi. Qala ukufunda ingxenye yokuqala yochungechunge oluthi Hlala Unethemba olunezingxenye eziyisithupha.
Ukudlula Ezikhathini Ezinzima
Izinsuku eziwu 4
Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu.
Lapho Ukudumazeka Kuhlasela
Izinsuku eziwu 4
Ububhekene nokudumala? Akekho kithi okhululekile ekubhekaaaneni nakho. Kungakhathaliseki ukuthi singobani, sonke sizohamba ezikhathini lapho singakutholanga esikufunayo. Pho, senzani ngokudumazeka kwethu? Ingabe akulungile ngathi ukuzizwa ngale ndlela? kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-4, sizobheka ukuthi sikuchaza kanjani, sikwamukela, sikucubungula, futhi sikusebenzise kanjani ukudumazeka kwethu ngokuhle.
Ukuphila Kushintshiwe: Ngonyaka Omusha
Izinsuku eziwu 4
NgoNyaka Omusha ngamunye kuza ithuba elisha lesiqalo esisha. Ungavumeli lokhu kube ngomunye unyaka oqala ngezinqumo ongeke uzigcine. Lolu hlelo lwezinsuku ezi-4 luzokuqondisa ekucabangeni kwakho futhi lunikeze umbono omusha ukuze wenze lo nyaka wakho ube ongcono kakhulu.
Ukukholwa Ubuhle BukaNkulunkulu Noma Kunjani
izinsuku ezingu 5
Kukhona imilayezo ethile namhlanje, kufaka ngaphandle kanye nangaphakathi kwesonto, ezonakalise umlayezo wangempela womusa kaNkulunkulu. Eqinisweni uNkulunkulu akaphoqelekile ukusihlinzeka ngezinto ezinhle-kodwa uyafuna! Kulezinsuku ezilandelayo ezingu-5 zingakusiza ukuba ubuke kabusha nxazonke ngamehlo anqamula ukuphazamiseka kwansuku zonke futhi ubone ubuhle bukaNkulunkulu obungenakuphikwa futhi obukhulu.
Umbono noMfundisi u-Craig Groeschel
izinsuku ezingu 5
Chazown-igama lesiHeberu elisho umbono, yilokho uNkulunkulu anakho engqondweni ngempilo yakho. Ukuthola i-chazown yakho qala ngokuhlola izindinganiso zakho eziyinhloko, izipho zomoya, nolwazi lwangaphambilini. Lolu hlelo luzokusiza ukuthi ukhombe izingqikithi ezijwayelekile, ulethe ukucaca ezintweni ozithandayo, futhi likuholele enjongweni uNkulunkulu anayo ngawe. Qala ukuhlela izinyathelo zakho ezilandelayo ekushisekeleni umbono kaNkulunkulu— umbono Yakhe—yempilo yakho namuhla!
Ukuba NguBaba uNkulunkulu Afuna Ube Nguye
izinsuku ezingu 5
Abantwana bayisibusiso esivela eNkosini, kungakhathaliseki ukuthi izimo ezihambisana nokuzalwa kwabo zinjani (Amahubo 127:3). Uma ungubaba, bonga uNkulunkulu ngakho futhi unqume njengamanje ukuthi uzoba yilokho uNkulunkulu afuna ube yikho ekuphileni kwabantwana bakho, umfanekiso obonakalayo, ophathekayo waKhe, kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izinqumo osuzenzile kuze kube manje. Ukuba ngubaba oqotho ngempela akuyona indida njengoba ungase ucabange! Okufanele ukwenze nje ukuthanda izingane zakho njengoba uBaba wakho waseZulwini ekuthanda.
Ukuphila Kushintshile: Injongo
izinsuku ezingu 5
Uke wazibuza ukuthi uNkulunkulu wakudala ukuthi wenzeni noma wambuza ukuthi kungani udlule ezintweni ezithile? Udalelwe ngokukhethekile indima eyakhelwe ngokwezifiso engagcwaliswa nguwe kuphela. Noma ngabe uzizwa ulahlekile, noma ungabaza ukunyakaza, lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokusiza ukuthi uthembele kuNkulunkulu, ukuze akuholele enjongweni yakho.
Imigomo Yobudlelwano
izinsuku ezingu 5
Sesha i-#RelationshipGoals ezinkundleni zokuxhumana, futhi uzothola izithombe ezibonakala ziphelele zabashadile abathandanayo. Kodwa kuthiwani uma umbono wobudlelwano umphakathi wethu owuthengisayo ungamanga? Umfundisi uMichael Todd ubhale Izinjongo Zobudlelwane: Indlela Yokunqoba Ekujoleni, Umshado, kanye Nocansi mayelana nokuba nemigomo yobudlelwano evela kuNkulunkulu futhi ihambisane nalokho Asenze ukuba sibe yikho.
Ukuzakha Othandweni lokuThandaza
5 Izinsuku
Njengoba sibheka uhambo lukaMose nabakwa-Israyeli ehlane, singafunda okuningi ngendlela uNkulunkulu angahamba ngayo nathi ezikhathini ezinzima. Kunezikhathi zasehlane empilweni yekholwa. Nokho, uNkulunkulu ufuna ukusinika amandla okuhamba ogwadule futhi sinqobe. Usibeke njengengxenye yomzimba wakhe (umzimba kaKristu) ukuze singahambi sodwa. Kulo mthandazo, sizobheka ukuthi ungazikhuthaza kanjani futhi ube nabantu abanawe ngisho nasesikhathini esinzima. Kwangathi ungabusiswa ngokwazi ubukhona bukaNkulunkulu ngisho nasekuvivinyweni.
Ukuphila Kushintshile: Njengomama Oyedwana
Izinsuku ezi-6
Umsebenzi kamama ongayedwana unzima futhi ngezinye izikhathi unesizungu, kodwa futhi uyindima ebaluleke kakhulu oyoke uyidlale. Iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu ukukhethile futhi wakuhlomisela ukuba uhole umndeni wakho. Kulolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha, uzothola izinsiza kanye nemibhalo ukuze uphiliswe ngesikhathini esedlule, ukhuthazwe esikhathini samanje, futhi uthole ithemba ngekusasa lakho.
UJesu: Ibhanela Lethu Lokunqoba
Izinsuku ezingu-7
Uma sigubha iPhasika, sigubha ukunqoba okukhulu emlandweni. Ngokufa nokuvuka kukaJesu, wanqoba kuze kube phakade amandla esono nethuna, kanye nayo yonke imiphumela yako emibi, futhi wakhetha ukwabelana nathi ngalokho kunqoba. Kuleli sonto lePhasika, ake singene kwezinye zezinqaba azinqobile, sicabange ngempi asilwela yona, futhi simdumise njengeBhanesha lethu lokunqoba.
Amaphupho Ahlengiwe
Izinsuku ezi-7
Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.
Ukuhlanzeka Okujulile: Ukuqeda Ihlazo, Imithelela Enobuthi, kanye Nokungathetheleli
Izinsuku ezingu-7
Kuthiwani uma kungadingeki silinde kuze kube yilapho sesifikile lapho sikhuluma khona lokho okuphukile ezimpilweni zethu? Njengoba nje sitshala imali ekuhlanzeni amakhaya ethu, yisikhathi sokumema uMoya oNgcwele ukuthi ahlanze izinhliziyo zethu. Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizothola ukuthi singawuyeka kanjani umthwalo ongokomzwelo osibuyisela emuva futhi osindayo.
Ubuciko Bokunqoba
Izinsuku ezingu-7
Impilo igcwele izithiyo, ukulahlekelwa, ukudumazeka, nobuhlungu. "Ubuciko Bokunqoba" buzokusiza ukuthi ubhekane nokulahlekelwa, usizi, nokulimala. Kumayelana nokwenqaba ukuvumela izinto ezibukeka njengeziphetho zikuthene amandla noma zikuphazamise. Kunalokho, vumela uNkulunkulu aziguqule zibe yiziqalo. Lapho impilo idida futhi inzima, ungayeki. Bheka. Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isikhathi esinzima noma ukulahlekelwa okubuhlungu obhekene nakho, uNkulunkulu unawe.
Injabulo Yohambo: Ukuthola Ithemba Phakathi Kwezilingo
Izinsuku ezingu-7
Singase singakuboni noma sikuzwe njalo, kodwa uNkulunkulu uhlala enathi... ngisho nalapho sibhekene nobunzima. Kulolu hlelo, Umxhumanisi Wokuthola Ithemba u-Amy LaRue ubhala ngokusuka enhliziyweni mayelana nomshikashika womndeni wakhe wokuba umlutha nokuthi injabulo kaNkulunkulu yagqashuka kanjani ngezikhathi zabo zobumnyama.
Izinsuku Ezingu-12 Zothando Oluhlala Njalo
Izinsuku eziwu 12
Kulolu cwaningo, sizokuqondisa ohambweni lobudlelwano oluhlanganisa izindlela ezingu-12 ezibalulekile zokuba Nothando Oluhlala Njalo.
Imizwa Engcwele - Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke Izinselelo
Izinsuku ezingu 30
UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.