Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 91:2
![Ukukhumbula konke uNkulunkulu akwenzileyo](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F162%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukukhumbula konke uNkulunkulu akwenzileyo
izinsuku ezingu 5
Kuyinjwayelo nje yomuntu ukuthi abuke okusazofika, kodwa akumele sikhohlwa okudlulile. Loluhlelo lwezinsuku ezinhlanu lwakhelwe ukukusiza ukhumbule izinto uNkulunkulu akwenzele zona, ekwakha uze ube la ukhona namuhla. Nsukuzonke uzothola isifundo seBhayibheli nomkhuleko oqondene nokusiza ukhumbule uhambo lwakho noKhristu. Uma udinga okuthe thuthu, bheka ku finds.life.church
![Ukuthola Ukuphumula](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F20881%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuthola Ukuphumula
izinsuku ezingu 5
Ukutadisha ngemva kokutadisha kusitshela ukuthi ukuphumula kubalulekile empilweni yethu engokomzimba, engokwengqondo, nengokomzwelo. Ukuphumula kubaluleke kakhulu kuNkulunkulu waze wakwenza kwaba ngomunye wemithetho Yakhe. Siyazi ukuthi kufanele siphumule—ngakho kungani singaphumuli? Kulolu Hlelo olulula lwezinsuku ezi-5, sizobheka ukuthi kungani, nini, kuphi, futhi kanjani, futhi nobani imbala.
![Uqeqeshelwe Ukwethemba](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F35526%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Uqeqeshelwe Ukwethemba
Izinsuku ezi-6
Singazi kanjani ngokomuntu siqu ukuthi uNkulunkulu unokwethenjwa futhi unekhono, ubungqabavu namandla okuxazulula izinkinga zethu ezinkulu uma singakaze sibe nazo? Lokhu kuzinikela kwezinsuku eziyisithupha kuyisikhumbuzo sokuthi ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukukholwa emandleni, isikhathi, kanye nezindlela Zakhe. Siqeqeshelwa ukumethemba.
![Funa uNkulunkulu Kukho](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F21548%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Funa uNkulunkulu Kukho
Izinsuku eziwu 10
Ukucindezeleka. Ukukhathazeka. Izimbangela nezenzakalo ezibuhlungu zisiphazamisa ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngalezi zikhathi ukufuna uNkulunkulu kubonakala kunzima futhi kungenasidingo. Uhlelo oluthi, "Funa UNkulunkulu Kukho" luhlose ukukukhuthaza kanye nokukufundisa ukuthi ungenza kanjani ebukhoneni bukaNkulunkulu ukuze uthole ukuthula kukaNkulunkulu, kungakhathaliseki isimo sakho.
![Izingxogxo NoNkulunkulu](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F9143%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Izingxogxo NoNkulunkulu
Izinsuku eziwu 12
Izingxogxo noNkulunkulu zikucwilisa ngokujabulisayo empilwen yomthandazo esondele kakhulu, kugcizelela izindlela ezingokoqobo zokuzwa izwi likaNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna sithokozele ingxoxo egijimayo Naye zonke izimpilo zethu — ingxoxo eyenza wonke umehluko ekuqondisweni, ebudlelwaneni nasenhlosweni. Leli cebo ligcwele izindaba ezisobala, zomuntu siqu ngokufinyelela kwenhliziyo kaNkulunkulu. Uyasithanda!