Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 37:5

Ithemba
Izinsuku eziwu 4
Ukwethemba kuyingxenye ebalulekile yokholo lobuKristu. Futhi ukwethemba kwakho kukhula ngokuhlangana noNkulunkulu nokuzindla ngeZwi laKhe. Amavesi alandelayo, lapho uwabamba ngekhanda, angakusiza ukuba uthembele kuNkulunkulu kuzo zonke izinsuku zakho. Vumela impilo yakho iguqulwe ngokukhumbula imiBhalo!

UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo Mkrestu
izinsuku ezingu 5
Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhlaziyo nokuqondiswa ngokubeka amagoli anomfutho woMusa!

Owesifazane Obalulekile: Ukunqoba Ukucindezeleka
izinsuku ezingu 5
Ukucindezeleka kunendlela yokunqwabelana ekuphileni kowesifazane kuze kube yilapho engakwazi ukwenza izinqumo ezisezingeni eliphezulu, ukungena engxoxweni ezuzisayo, noma ukujabulela lokho akunikiwe. Awudalelwanga ukuba ngowesifazane okhathazekile okuphila kwakhe kufiphele ngenxa yokuxakeka. Ungowesifazane obalulekile, odalelwe injabulo, ukuthula, nomthelela waphakade!

Imithandazo Enesibindi
Izinsuku ezingu-7
Unkulunkulu muhle ngaso sonke isikhathi, kodwa lokho akusho ukuthi uhlala ephephile. Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church lukhuthaza abafundi ukuthi bathandaze imikhuleko emithathu enesibindi: ngicinge, ngithume futhi ngaphule. Iba nesibindi sokuqala ukufunda namuhla, futhi impilo yakho izothatha inguquko esabekayo-enhle.

Owesifazane Ozithembayo Ngokuzinikela
Izinsuku eziwu 14
Abesifazane bayisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu asinika umhlaba. Uyadala, unesihawu, uhlakaniphile, futhi, ngokweBhayibheli, ulingana namadoda. Kodwa iminyaka yokuhlukunyezwa nemibono engalungile ngabesifazane iye yabangela abaningi benu ukuba balahlekelwe ukuzethemba uNkulunkulu afuna ukuba nikujabulele. Ungase ube nomuzwa wokuthi ngandlela-thile "ungaphansi" kunamadoda. Awubalulekile kangako. Ufaneleka kancane. Iqiniso liwukuthi, uyigugu kakhulu emphakathini, kodwa okubaluleke nakakhulu kuNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna ube nesibindi, uhlonishwe, waziswe, ukhushulwe esikhundleni, ufunelwe, futhi ngaphezu kwakho konke, uthandwe. Futhi kungaba kanjalo! Lokhu kuzinikela kwansuku zonke kuzokuholela empilweni yokuzethemba egcwele uthando, ukuhleka kanye nokwamukela Kwakhe. Bhala kuyo. Yigqamise. Yenza uhambo lube olwakho.