Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 37:4

Ithemba
Izinsuku eziwu 4
Ukwethemba kuyingxenye ebalulekile yokholo lobuKristu. Futhi ukwethemba kwakho kukhula ngokuhlangana noNkulunkulu nokuzindla ngeZwi laKhe. Amavesi alandelayo, lapho uwabamba ngekhanda, angakusiza ukuba uthembele kuNkulunkulu kuzo zonke izinsuku zakho. Vumela impilo yakho iguqulwe ngokukhumbula imiBhalo!

UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo Mkrestu
izinsuku ezingu 5
Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhlaziyo nokuqondiswa ngokubeka amagoli anomfutho woMusa!

Owesifazane Obalulekile: Ukunqoba Ukucindezeleka
izinsuku ezingu 5
Ukucindezeleka kunendlela yokunqwabelana ekuphileni kowesifazane kuze kube yilapho engakwazi ukwenza izinqumo ezisezingeni eliphezulu, ukungena engxoxweni ezuzisayo, noma ukujabulela lokho akunikiwe. Awudalelwanga ukuba ngowesifazane okhathazekile okuphila kwakhe kufiphele ngenxa yokuxakeka. Ungowesifazane obalulekile, odalelwe injabulo, ukuthula, nomthelela waphakade!

Ukuphila Kushintshile: Injongo
izinsuku ezingu 5
Uke wazibuza ukuthi uNkulunkulu wakudala ukuthi wenzeni noma wambuza ukuthi kungani udlule ezintweni ezithile? Udalelwe ngokukhethekile indima eyakhelwe ngokwezifiso engagcwaliswa nguwe kuphela. Noma ngabe uzizwa ulahlekile, noma ungabaza ukunyakaza, lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokusiza ukuthi uthembele kuNkulunkulu, ukuze akuholele enjongweni yakho.

Ukukhonza uNkulunkulu
Izinsuku ezi-6
Ukufunda nsuku zonke kunikeza ukuqonda mayelana nendlela yokukhonza uNkulunkulu kuzo zonke izici zokuphila futhi kuzogqugquzela abafundi ukuba bagxilise izinhliziyo zabo ngokuphelele ebuhlotsheni babo noKristu. Lokhu kuzinikela kusekelwe encwadini kaR. T. Kendall ethi Ukukhonza UNkulunkulu. (R. T. Kendall wayengumfundisi we-Westminster Chapel eLondon, eNgilandi, iminyaka engamashumi amabili nanhlanu.)

Imithandazo Enesibindi
Izinsuku ezingu-7
Unkulunkulu muhle ngaso sonke isikhathi, kodwa lokho akusho ukuthi uhlala ephephile. Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church lukhuthaza abafundi ukuthi bathandaze imikhuleko emithathu enesibindi: ngicinge, ngithume futhi ngaphule. Iba nesibindi sokuqala ukufunda namuhla, futhi impilo yakho izothatha inguquko esabekayo-enhle.

Phumula Ekuqhathaniseni Uhlelo lwezinsuku Eziwu-7 Ngo-Anna Light
Izinsuku ezingu-7
Uyazi ukuthi uNkulunkulu ukupha ukuphila okuchichimayo kunalena oyiphilayo, kodwa iqiniso elibuhlungu liwukuthi isiqhathaniso siyakuvimbela ukuba uye kwelinye izinga. Kulolu hlelo lokufunda u-Anna Light wembula imininingwane ezophazamisa ukuqhathaniswa kwesembozo emakhonweni akho, futhi ikusize uphile impilo ekhululekile nechichimayo uNkulunkulu ayidalele wena.

Amaphupho Ahlengiwe
Izinsuku ezi-7
Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.

Ibhola Lochwepheshe Likanobhutshuzwayo NeBhayibheli
Izinsuku eziwu 10
Uma ungumlandeli webhola lezinyawo waseMelika owaziwa kakhulu, awukwazi ukuphuthelwa yilolu hlelo lokufunda oluvela kuMnyuziyamu WeBhayibheli! Funda ngendima yeBhayibheli ezimpilweni zezinye zezikhathi eziyingqophamlando emlandweni womqhudelwano we-NFL. Kusukela kosaziwayo abafana no-Vince Lombardi kanye noMike Singletary kuya kwezihlabani zakamuva ezifana no-Ray Lewis no-Russell Wilson, lolu hlelo luhlanganyela amavesi eBhayibheli abagqugquzele kokukhulu futhi labasiza ukuba banqobe ukudumazeka. Kuhlanganisa izindaba ezingu-10 ezigqamisa indima yeBhayibheli emdlalweni omkhulu kunawo wonke ebholeni elikhokhelwayo!

Vuselela Inhliziyo Yakho: Izinsuku ezingu-10 Ukulwa neSono
Izinsuku eziwu 10
AmaKristu amaningi akholelwa ukuthi ukuphela kwendlela yokulwa nesono ukugedla amazinyo futhi sinqobe isilingo. Kodwa awukwazi ukulwa nesono ngengqondo yakho; kufanele ulwe naso ngenhliziyo yakho. Ngokusekelwe encwadini ethi Vuselela Inhliziyo Yakho, lokhu kubuka kwezinsuku eziyishumi kwamanye amavesi abaluleke kakhulu ngenhliziyo yakho kuzokusiza uthole ukuthi ungalwa kanjani nesono ngokuvumela iVangeli ukuthi livuselele inhliziyo yakho kabusha.

Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela
Izinsuku eziwu 12
uJesu akazange alahle ukuphila Kwakhe okuphelele ukuze ukwazi Ukuphila nje eyakho. Abafana abayisikhombisa—njengawe—babekele eceleni izinsuku ezimbalwa zokwehlisa ijubane, ukuzijabulisa, ukuthola izimpendulo, futhi bakuqophe konke kuvidiyo. Ingabe ukuphila kuwumsebenzi kanye nengcindezi nje? Siphuma kanjani ku-treadmill yokusebenza? Ngingakwazi ukukhululeka ekuluthweni? ngiqala kanjani ukuphila ngempela? Qala lolu hlelo lwebhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani ukuze uthole kabanzi.

Owesifazane Ozithembayo Ngokuzinikela
Izinsuku eziwu 14
Abesifazane bayisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu asinika umhlaba. Uyadala, unesihawu, uhlakaniphile, futhi, ngokweBhayibheli, ulingana namadoda. Kodwa iminyaka yokuhlukunyezwa nemibono engalungile ngabesifazane iye yabangela abaningi benu ukuba balahlekelwe ukuzethemba uNkulunkulu afuna ukuba nikujabulele. Ungase ube nomuzwa wokuthi ngandlela-thile "ungaphansi" kunamadoda. Awubalulekile kangako. Ufaneleka kancane. Iqiniso liwukuthi, uyigugu kakhulu emphakathini, kodwa okubaluleke nakakhulu kuNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna ube nesibindi, uhlonishwe, waziswe, ukhushulwe esikhundleni, ufunelwe, futhi ngaphezu kwakho konke, uthandwe. Futhi kungaba kanjalo! Lokhu kuzinikela kwansuku zonke kuzokuholela empilweni yokuzethemba egcwele uthando, ukuhleka kanye nokwamukela Kwakhe. Bhala kuyo. Yigqamise. Yenza uhambo lube olwakho.