Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 27:3
Qeda ukwesaba
izinsuku ezingu 3
Ungakwazi ukunqoba imizwa yokwesaba. Udkt. Tony Evans ukuholela endleleni eya enkululekweni kulolu hlelo lokufunda olunokuqonda. Zitholele impilo yenjabulo nokuthula obulokhu uyifuna njengoba usebenzisa izimiso ezibekwe kulolu hlelo.
Ngikulindile Lapha, Uhambo lweThemba oluzayo
Izinsuku ezingu-7
Lesi isikhathi sokulindela nokulungiselela. Hlanganyela nomfundisi kanye nombhali wezinwadi uLouie Giglio ohambeni lokulungiselela nokuqonda ukuthi ukulinda akukhona ukuchitha isikhathi uma ulinde kuJehova. Thatha lelithuba ukwembuleleka ngethemba elikhulu elitholakalayo ekuthatheni isikhathi sokulinda. Ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo uzothola ukuthula nokuvuseleleka emoyeni wakho usalangazelele umgubho omkhulu!
Umthelela Wenjabulo
Izinsuku ezingu 31
Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.