Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 139:3
![Konke Engikudingayo](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22851%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Konke Engikudingayo
izinsuku ezintathu
Unkulunkulu uhambe phamba kwethu futhi uyasivikela ngemuva. Izimpi zethu usezinqobile. Uvikele abaphuphuthekile. Akamangazwa zinqinamba. Lokhu kuzinikela okugxile kwezinsuku ezi-3 kuzokushiya ukhuthazekile eqinisweni lokuthi uNkulunkulu ungumnikezi wesabelo esiqondile, isilinganiso esiqondile, sempilo yakho.
![Ukuba Nenhliziyo KaMariya Emhlabeni KaMarta](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F18028%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuba Nenhliziyo KaMariya Emhlabeni KaMarta
izinsuku ezingu 5
Ngokuvamile sizizwa sengathi asenzi okwanele. Khona-ke sizizwa sinecala ngoba kufanele sibe nezikhathi zokuthula noNkulunkulu—kodwa uma sizama ukwehlisa ijubane, izinhliziyo zethu nezingqondo zethu zibamatasatasa. Indaba kaMariya noMarta isinika isiqondiso kanye nomusa kulesi simo. Yindaba yodade ababili. Yindaba yethu ngamunye.
![Imigomo Yobudlelwano](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F19260%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Imigomo Yobudlelwano
izinsuku ezingu 5
Sesha i-#RelationshipGoals ezinkundleni zokuxhumana, futhi uzothola izithombe ezibonakala ziphelele zabashadile abathandanayo. Kodwa kuthiwani uma umbono wobudlelwano umphakathi wethu owuthengisayo ungamanga? Umfundisi uMichael Todd ubhale Izinjongo Zobudlelwane: Indlela Yokunqoba Ekujoleni, Umshado, kanye Nocansi mayelana nokuba nemigomo yobudlelwano evela kuNkulunkulu futhi ihambisane nalokho Asenze ukuba sibe yikho.
![Vuka Ukhanye](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F43961%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Vuka Ukhanye
izinsuku ezingu 5
Abantu bajwayele ukuthi, “Nika uNkulunkulu imithwalo yakho.” Uke uzibuze: Ngingakwenza kanjani lokho? Ukuphuka komhlaba kuzwakala kusinda kakhulu. Futhi njengoba ufisa ukukhanyisa ukukhanya kukaJesu, uyazibuza ukuthi lokho kubukeka kanjani uma uzama ukubona ukukhanya ngokwakho. Lesi sifundo sibheka ukuthi singaba kanjani izibani kuJesu noma umhlaba wethu uzwakala umnyama.
![Imithandazo Enesibindi](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F2159%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Imithandazo Enesibindi
Izinsuku ezingu-7
Unkulunkulu muhle ngaso sonke isikhathi, kodwa lokho akusho ukuthi uhlala ephephile. Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church lukhuthaza abafundi ukuthi bathandaze imikhuleko emithathu enesibindi: ngicinge, ngithume futhi ngaphule. Iba nesibindi sokuqala ukufunda namuhla, futhi impilo yakho izothatha inguquko esabekayo-enhle.
![UNkulunkulu unathi](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F17499%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
UNkulunkulu unathi
Izinsuku ezingu-7
Ukhisimusi uyisikhathi sentokozo enkulu, owuphawu lokuzalwa kukaJeau, uMsindisi wethu. Ziningi iziphrofetho ebhayibhelini lilonke ezikhuluma ngokuza kukaJesu, kulesikhathi sokuzinikezela, sizobheka amagama ayisikhombisa uNkulunkulu awasebenzisayo eMbhalweni ukumemezela ukuza kwaKhe. Sizocubungula ukuthi uJesu yena uhlanganiselwe kanjani kwigama ngalinye kulamagama nokufanana kwaloku kithina namhlanje njengasezinsukwini ayehamba ngazo la emhlabeni.
![Umthelela Wenjabulo](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F228%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Umthelela Wenjabulo
Izinsuku ezingu 31
Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.