Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzAga 4:7

Umbono noMfundisi u-Craig Groeschel
izinsuku ezingu 5
Chazown-igama lesiHeberu elisho umbono, yilokho uNkulunkulu anakho engqondweni ngempilo yakho. Ukuthola i-chazown yakho qala ngokuhlola izindinganiso zakho eziyinhloko, izipho zomoya, nolwazi lwangaphambilini. Lolu hlelo luzokusiza ukuthi ukhombe izingqikithi ezijwayelekile, ulethe ukucaca ezintweni ozithandayo, futhi likuholele enjongweni uNkulunkulu anayo ngawe. Qala ukuhlela izinyathelo zakho ezilandelayo ekushisekeleni umbono kaNkulunkulu— umbono Yakhe—yempilo yakho namuhla!

Ukuzuza Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
Abaningi bethu babheka ukuhlakanipha njengento ehlangene nabantu abanesipiliyoni esiningi. Kodwa, singaba nakho ngempela kungakhathaliseki ukuthi sesiphile isikhathi eside kangakanani. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokunikeza ukuqonda ukuthi kuyini ngempela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuthi ungakuthola kanjani.

Ukuhlakanipha Kokuphila Okulungile
Izinsuku ezingu-7
Emhlabeni, oguquguqukayo ngokushesha futhi ngamandla nezinselelo, sidinga ukuhlakanipha ukuze siphile. Umphakathi wethu usidonsa usiphushele ezinhlangothini ezahlukene, kanti kule nxushunxushu sidinga ikhampasi yengqondo ukuze isiqondise endleleni efanele. Sidinga ukuhlakanipha ukuze siphile kahle. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa, olusekelwe ikakhulukazi kuzAga, luhlola lesi sihloko njengoba sethulwe nguSolomoni.

Owesifazane Ozithembayo Ngokuzinikela
Izinsuku eziwu 14
Abesifazane bayisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu asinika umhlaba. Uyadala, unesihawu, uhlakaniphile, futhi, ngokweBhayibheli, ulingana namadoda. Kodwa iminyaka yokuhlukunyezwa nemibono engalungile ngabesifazane iye yabangela abaningi benu ukuba balahlekelwe ukuzethemba uNkulunkulu afuna ukuba nikujabulele. Ungase ube nomuzwa wokuthi ngandlela-thile "ungaphansi" kunamadoda. Awubalulekile kangako. Ufaneleka kancane. Iqiniso liwukuthi, uyigugu kakhulu emphakathini, kodwa okubaluleke nakakhulu kuNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna ube nesibindi, uhlonishwe, waziswe, ukhushulwe esikhundleni, ufunelwe, futhi ngaphezu kwakho konke, uthandwe. Futhi kungaba kanjalo! Lokhu kuzinikela kwansuku zonke kuzokuholela empilweni yokuzethemba egcwele uthando, ukuhleka kanye nokwamukela Kwakhe. Bhala kuyo. Yigqamise. Yenza uhambo lube olwakho.