Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzAga 3:7

Ukukhula Othandweni
izinsuku ezingu 5
Okubaluleke ngempela ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda abanye, kodwa sikwenza kanjani lokho ngokuphumelelayo? Iqiniso liwukuthi, asikwazi ukuthanda abantu kahle ngamandla ethu. Kodwa uma sibheka kuNkulunkulu futhi sizibeka phansi ngokuzithoba, singaphila othandweni lukaNkulunkulu lweqiniso nolunamandla. Funda kabanzi mayelana nokukhula othandweni kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-5 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.

Ukuzijwayeza
Izinsuku ezi-6
Ukushintsha akulula, kodwa kungenzeka, futhi. Ukuqala imikhuba emincane embalwa kungashintsha indlela ozibona ngayo namuhla futhi uguquke ube ngumuntu ofuna ukuba nguye kusasa. Lolu Hlelo lweBhayibheli lwe- Life.Church luhamba emiBhalweni ngesifinyezo esilula sokwenza imikhuba emihle yansuku zonke ehlalayo.
Kungani Ngalahlekelwe Umsebenzi Wami Uma Unkulunkulu Engithanda?
Izinsuku ezingu-7
Uma ungomunye wezigidi zabantu baseMelika phakathi nenguquko yomsebenzi, kungenzeka ukuthi udangele ngenxa yobunzima bokuthola umsebenzi. Kuyasebenza futhi kuyakhuthaza, ukufunda nsuku zonke kuzokusiza ukuthi uthole ukukhula komuntu siqu okucebile noNkulunkulu ngalesi sikhathi soguquko. Kuthathwe encwadini ka-Rick Pritikin enesihloko esifanayo, lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-7 luzokusiza ukuthi uthole ukugxila nenjongo.

Ukuhlakanipha Kokuphila Okulungile
Izinsuku ezingu-7
Emhlabeni, oguquguqukayo ngokushesha futhi ngamandla nezinselelo, sidinga ukuhlakanipha ukuze siphile. Umphakathi wethu usidonsa usiphushele ezinhlangothini ezahlukene, kanti kule nxushunxushu sidinga ikhampasi yengqondo ukuze isiqondise endleleni efanele. Sidinga ukuhlakanipha ukuze siphile kahle. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa, olusekelwe ikakhulukazi kuzAga, luhlola lesi sihloko njengoba sethulwe nguSolomoni.

uJesu Uyangithanda
Izinsuku ezingu-7
Uma othile ekubuza, "Yini okufanele ngiyikholelwe ukuze ngibe umKristu?" ungathini? Ngokusebenzisa amagama alula engomeni ethandwayo, “uJesu uyangithanda, lokhu ngiyazi, ngoba iBhayibheli lingitshela kanjalo”, intatheli eyaphenduka umfundisi ikusiza ukuthi uqonde ukuthi yini oyikholelwayo nokuthi kungani. Umbhali othengisa kakhulu uJohn S. Dickerson ngokucacile futhi achaza ngokwethembeka izinkolelo zobuKristu ezibalulekile futhi ubonise ngokunamandla ukuthi kungani lezi zinkolelo zibalulekile.

Ukukhulisa Ubuholi ngokuhlakanipha kweBhayibheli
Izinsuku ezingu-8
Ukukhulisa ubuholi bethu kubalulekile namuhla. Kumele sandise, siqhakambise, sengeze futhi sikhulise ukuhlakanipha kobuholi bethu ukuqondisa indawo yethu eguquguqukayo. Ubuchwepheshe obuguquka ngokushesha, ukushintsha umsebenzi/imithelela yenqubo yeqembu, futhi nokushintsha kwezomnotho kungezinye izinkinga esihlangabezana nazo. Kepha ungacabangi ukuthi ukukhulisa ubuholi bethu kwenzelwa nje indawo yemsebenzi. Kumele sikhulise ukuqondisa amakhaya ethu futhi nasebudlelwaneni bethu. Jula namuhla ukuzuza ulwazi olufanelekile lokuhola.

Funa uNkulunkulu Kukho
Izinsuku eziwu 10
Ukucindezeleka. Ukukhathazeka. Izimbangela nezenzakalo ezibuhlungu zisiphazamisa ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngalezi zikhathi ukufuna uNkulunkulu kubonakala kunzima futhi kungenasidingo. Uhlelo oluthi, "Funa UNkulunkulu Kukho" luhlose ukukukhuthaza kanye nokukufundisa ukuthi ungenza kanjani ebukhoneni bukaNkulunkulu ukuze uthole ukuthula kukaNkulunkulu, kungakhathaliseki isimo sakho.

Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela
Izinsuku eziwu 12
uJesu akazange alahle ukuphila Kwakhe okuphelele ukuze ukwazi Ukuphila nje eyakho. Abafana abayisikhombisa—njengawe—babekele eceleni izinsuku ezimbalwa zokwehlisa ijubane, ukuzijabulisa, ukuthola izimpendulo, futhi bakuqophe konke kuvidiyo. Ingabe ukuphila kuwumsebenzi kanye nengcindezi nje? Siphuma kanjani ku-treadmill yokusebenza? Ngingakwazi ukukhululeka ekuluthweni? ngiqala kanjani ukuphila ngempela? Qala lolu hlelo lwebhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani ukuze uthole kabanzi.