Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzAga 2:7
Ukutshala Ibandla Elinempilo
Izinsuku ezingu-7
Lapho uNkulunkulu ekubizela enkonzweni, kungaba nzima kakhulu, kodwa futhi kungaba yinto engcono kakhulu eke yenzeke kuwe. Uma inhliziyo yakho inyakazisiwe ukuba utshale ibandla, qala lapha eZwini likaNkulunkulu. Gxila kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku eziyisikhombisa, futhi uthole isikhuthazo osidingayo ukuze uphumele obizweni lukaNkulunkulu.
Ukuhlela indawo
Izinsuku ezingu-8
Ezweni elimatasa, kufanele senze indawo yezinto ezibaluleke kakhulu. Kumele sifunde ukusebenzisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okuyokusiza ukuba uhlanganise le misebenzi ekuphileni kwakho okumatasa. Kwezinye izimo, uyothola ukuthi wenza izinto ezingalungile. Noma ungase uthole ukuthi wenza izinto ezinhle ngesizathu esingalungile noma ngendlela engafanele, ngakho azinikezi ukuphila noma azinelisi.
Noel: UKhisimusi Ungowabo Bonke Abantu
Izinsuku eziwu 12
Ezinsukwini eziyishumi nambili ezilandelayo, sizothatha uhambo lokuxoxa ngendaba kaKhisimusi sithole hhayi kuphela nje ukuthi kungani kuyindaba enkulu eyake yaxoxwa, kodwa futhi kungani uKhisimusi kungowowonke umuntu!
Ubuhlakani
Izinsuku eziwu 12
UmBhalo usinxusa ukuba sifune ukuhlakanipha ngaphezu kwazo zonke izinto. Kulolu hlelo, uzohlola amavesi amaningana usuku nosuku akhuluma ngqo ngokuhlakanipha-ukuthi kuyini, kungani kubalulekile, nokuthi ungakuthuthukisa kanjani.
Izingxogxo NoNkulunkulu
Izinsuku eziwu 12
Izingxogxo noNkulunkulu zikucwilisa ngokujabulisayo empilwen yomthandazo esondele kakhulu, kugcizelela izindlela ezingokoqobo zokuzwa izwi likaNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna sithokozele ingxoxo egijimayo Naye zonke izimpilo zethu — ingxoxo eyenza wonke umehluko ekuqondisweni, ebudlelwaneni nasenhlosweni. Leli cebo ligcwele izindaba ezisobala, zomuntu siqu ngokufinyelela kwenhliziyo kaNkulunkulu. Uyasithanda!