Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFilipi 1:20

Injabulo Ngaphezu Kwengcindezi: Indlela Yokwenza Injabulo Ibe Umkhuba Wansuku Zonke
izinsuku ezingu-6
Sicindezelekile. Isiko lisitshela ukuthi silwe nokucindezeleka kwethu ngokujaha umzuzu wenjabulo olandelayo. Kodwa iBhayibheli lisinikeza isithombe esehlukile. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha luzokukhombisa ukuthi ungalwa kanjani nokucindezeleka kwakho kwansuku zonke ngokwenza umkhuba ngenjabulo yeBhayibheli.

Ukunqoba phezu koKufa
Izinsuku ezingu-7
Sihlale sitshelwa ukuthi, "Kungenye nje ingxenye yokuphila," kodwa izisho ezishiwo njlalo azehlisi ubuhlungu lapho ulahlekelwa othandekayo. Funda ukugijimela kuNkulunkulu lapho ubhekene nenye yezinselelo ezinzima kakhulu ekuphileni.

Thola Incazelo Phakathi Koshintsho
Izinsuku ezingu-7
Sisabela kanjani lapho ukuphila kungahambi ngendlela ebesihlelile ngayo noma lapho sithatha uhambo lokuphambuka? Lapho sibhekana noshintsho, kulula ukugajwa imizwa yokudideka, intukuthelo, kanye nokudumala. Kodwa uNkulunkulu usibekele okuthile okungcono. Funda ukuthi ungaqala kanjani ukwamukela ushintsho, ngisho naphakathi kwenqubo engeyeyinhle.

Umthelela Wenjabulo
Izinsuku ezingu 31
Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.