Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 7:26
![Indlela Yokuba Sentandweni KaNkulunkulu](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F20468%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Indlela Yokuba Sentandweni KaNkulunkulu
izinsuku ezingu 3
Ukuba sentandweni kaNkulunkulu akuyona imfihlakalo. Kodwa ngezinye izikhathi siyesaba kakhulu ukuphuma entandweni Yakhe kangangokuthi siyakhubazeka ekuqhubekeleni phambili. Yazi lokhu: uNkulunkulu ufuna ukukuholela entandweni Yakhe ephelele, futhi uma uyigeja, mkhulu ngokwenele ukukubuyisela endleleni efanele. Nazi izindlela ezimbili kuphela zokuphuma entandweni kaNkulunkulu…
![Utony Evans Ufundisa Ngebhayibheli](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F12974%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Utony Evans Ufundisa Ngebhayibheli
izinsuku ezingu 5
Emdlalweni webhola lezinyawo, kuneqembu lesithathu enkundleni—iqembu lezikhulu elithola igunya lalo ngokusebenzisa incwadi yemithetho. Njengoba nje igunya emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo litholakala encwadini yemithetho esetshenziswa izikhulu, igunya embusweni kaNkulunkulu lisencwadini yaKhe yokubusa, iBhayibheli. Kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezinhlanu, uDkt. uTony Evans uzokwethula kwizifundo zencwadi: isifundo seBhayibheli.
![Ukuzuza Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22066%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuzuza Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
Abaningi bethu babheka ukuhlakanipha njengento ehlangene nabantu abanesipiliyoni esiningi. Kodwa, singaba nakho ngempela kungakhathaliseki ukuthi sesiphile isikhathi eside kangakanani. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokunikeza ukuqonda ukuthi kuyini ngempela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuthi ungakuthola kanjani.
![Ukuzijwayeza Indlela](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F42239%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuzijwayeza Indlela
izinsuku ezingu 5
Uba ngubani? Uma uzicabanga uneminyaka engu- 70, engu- 80, noma engu- 100, hlobo luni lomuntu olubona emkhathizwe? Ingabe ukubikezela okusengqondweni yakho kukugcwalisa ngethemba? Noma ukwesaba? Kulokhu kukhonza, uJohn Mark Comer usikhombisa ukuthi singakhiwa kanjani ngokomoya ukuze sifane noJesu kakhulu usuku nosuku.
![Ukuzijwayeza](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F13743%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuzijwayeza
Izinsuku ezi-6
Ukushintsha akulula, kodwa kungenzeka, futhi. Ukuqala imikhuba emincane embalwa kungashintsha indlela ozibona ngayo namuhla futhi uguquke ube ngumuntu ofuna ukuba nguye kusasa. Lolu Hlelo lweBhayibheli lwe- Life.Church luhamba emiBhalweni ngesifinyezo esilula sokwenza imikhuba emihle yansuku zonke ehlalayo.
![Ukuphila Kushinthile:Intethelelo](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F16504%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukuphila Kushinthile:Intethelelo
Izinsuku ezi-6
Abaningi bethu bahambahamba, bebhandisa amanxeba ngenxa yezinto ezishiwo noma ezenziwe ngabantu. Sihlala sizabalaza ngaphansi kwesisindo salowo mthwalo ngoba asizimisele noma asiqiniseki ukuthi sithethelela kanjani. Lolu hlelo alukho mayelana nokuvumela othile ukuba ahlukane noma ukwenza abanye bazizwe bengcono. Okwakho. Kumayelana nokufunda indlela yokuthethelela ukuze ukwazi ukuphulukiswa, uthole inkululeko kulokho okwedlula, futhi uqale ukuphila ushintshile.
![Hamba Yenza Shono Phana: Inkululeko yokuzinikela kuJesu](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F12546%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Hamba Yenza Shono Phana: Inkululeko yokuzinikela kuJesu
Izinsuku ezingu-7
Ukuzinikela kuJesu kuyisikhathi esiyishintshayo impilo. Kodwa ngabe lesi sinqumo sichaza ukuthini futhi siphila kanjani naso usuku nosuku? Ngabe simayelana nezinqumo ezinkulu zempilo kuphela, noma esomuntu okholwe kakhulu? Ukwesaba, ukwahluleka kwethu okwedlule, nokungaqondisisi kungasivimbela. "Hamba Yenza Yisho Nikela" yisicelo/umthandazo esichaza kabanzi izinyathelo ezilandelayo ohambweni lwakho lokholo. Zizwele inkululeko efika nokulandela uJesu.
![Ukujaha Kokungafinyeleleki](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F14957%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukujaha Kokungafinyeleleki
Izinsuku ezingu-7
Sonke sijaha okuthile. Ngokujwayelekile okuthile okungenakufinyelelwa—umsebenzi ongcono, ikhaya elinethezekile, umndeni ophelele, ukuthola imvume kwabanye. Kodwa akukhathalisi yini lokhu? Ingabe ikhona indlela engcono? Thola kulolu hlelo olusha lweBhayibheli lwe-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, elithi Chasing Carrots.
![Ukungabaza uNkulunkulu](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F30754%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Ukungabaza uNkulunkulu
Izinsuku ezingu-7
Kuthiwani uma ukungabaza kungekona okuphambene nokholo kodwa kuwumnyango oya ekukholweni okujulile? Kulolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi Craig Groeschel, Ukungabaza uNkulunkulu, sizothola ukuthi ukungabaza akukwenzi umKrestu omubi. Eqinisweni, kungase kube isithako esidingekayo ekusenzeni abafundi.
![Uba kanjani Umakhelwane](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F2513%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Uba kanjani Umakhelwane
Izinsuku eziwu 10
Kuthiwani uma kungadingeki sihambe ibanga elide ukuze sisondele kubantu abakude noNkulunkulu? Kuthiwani ukube amaKristu ayengomakhelwane abangcono kakhulu? Ingabe umgwaqo wakho ungashintsha? Ingabe izulu laliyogcwala ngokwengeziwe? Esikhathini eside esidlule, umholi wenkolo wabuza uJesu indlela yokungena ezulwini. Ujesu waphendula ngombuzo, kwase kuba indaba kaMakhelwane Omuhle. Akumangalisi, eminyakeni eyingu-2000 kamuva indaba kaJesu isachaza indlela yomakhelwane. Joyina uMfundisi Craig Groeschel kanye ne-Life.Church kumhlahlandlela osebenzayo, ogcwele indaba wokuhlanganyela nomakhelwane bakho futhi ubathande njengoba uzithanda wena. Kodwa ungamane uliyunde—Iphile!
![Umntwana kaNkulunkulu](/_next/image?url=https%3A%2F%2F%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F31667%2F640x360.jpg&w=1920&q=75)
Umntwana kaNkulunkulu
Izinsuku eziwu 10
Sineziqu eziningi, kodwa isiphi esibaluleke kakhulu? Mntwana kaNkulunkulu, akunjalo? Ingabe uke ukhungathekiswe yizo zonke ezinye iziqu onazo? Ukuba ingane, umzali, umfundi, ingane yakwenu, isisebenzi, noma umsubathi kuletha ukuba matasa. Lolu hlelo luzobheka izindlela zokugcina uNkulunkulu esendaweni engu-#1 ngenkathi wenza eminye imithwalo yemfanelo eminingi.