Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 21:22
Ibhayibheli Lathini?
izinsuku ezingu 5
Uma uke waba nemibuzo ngeBhayibheli, uphakathi kwabantu abahle! Besike saba lapho sonke. Ngezinye izikhathi izingxenye zeBhayibheli zingadida ngempela. Kulolu Hlelo LweBhayibheli, sizoxoxa ngezinye zezindima okungaba nzima ukuziqonda futhi sifunde amacebiso awusizo okuhlola imiBhalo.
Ukuphila Kushintshile: Izingxoxo NoNkulunkulu
Izinsuku ezingu-7
Abaningi bethu bafuna ukuba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu, kodwa asazi ukuthi siqale kuphi. Lapho abanye abantu bephakamisa umthandazo, kuzwakala kuhlelekile kakhulu, kusabisa, noma kungasebenzi. Lolu hlelo luzosiza abafundi ukuthi bazi uNkulunkulu ngokusondelene kakhulu futhi bathole amandla omthandazo njengoba usuku ngalunye lunikeza izibonelo ezibambekayo zendlela yokuba nezingxoxo ezinomqondo ngokwengeziwe noNkulunkulu.
Akungesabi Empini
Izinsuku ezingu-7
Ingabe ungumuntu ovama ukunqotshwa ukwesaba? Noma ingabe uhlala uphila ngokukholwa? Kulokhu kukhonza, funda ukuthatha izinyathelo zokholo, ukuze unikeze uNkulunkulu ithuba lokukhombisa amandla Akhe esimweni sakho esibonakala singenakwenzeka. Khuthazwa wubufakazi bomuntu siqu bokuhamba ngokungesabi esigodini sethunzi lokufa. Funda ukuphila ngaphandle kokunikeza ukwesaba isisekelo empilweni yakho.
Ukukholwa
Izinsuku eziwu 12
Ingabe ukubona kusho ukukholwa? Noma Ukukholwa kusho ukubona? Lena yimibuzo yenkolo. Loluhlelo lunikeza ukufunda okujulile ngokholo - kusukela kwizindaba zetestamente elidala ngabantu bangempela ababonisa isibindi sokholo ezimweni ezinzima kuze kufike ezimfundisweni za Jesu ngaloludaba. Ekufundeni kwakho, uzokhuthazwa ukuthi uqinise ubuhlobo bakho no Nkulunkulu nokuthi ube ngumlandeli wa Jesu othembekile.