Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 14:19

Ukulambela uNkulunkulu
izinsuku ezingu 3
Isifundo sezinsuku ezintathu (3) esibhalwe uMfundisi Samuel Rodriguez esibheke ukulamba komoya wethu futhi esiveza ukuthi umphefumulo wethu udinga ukondleka njalo. Noma ngabe sithandaza izinkathi eziningi, maningi kanjani amavesi eBhayibheli esiwafundayo futhi siwasho nangekhanda, siya kangaki ezinhlelweni zenkonzo, noma sinakekela kangakanani abanezidingo iyohlale ikhona indawo yokusondela eduze noNkulunkulu.

Gcina Ushintsho: Ukuphatha Imali Yakho Ngokuhlakanipha
Izinsuku ezingu-7
Imali kungaba nzima ukukhuluma ngayo futhi kube nzima ukuyiqonda. Kodwa indlela esisebenzisa ngayo imali yethu ngokujwayelekile yiyona enquma indlela esisebenzisa ngayo ukuphila kwethu. Ngakho singaqiniseka kanjani ukuthi sidumisa uNkulunkulu futhi sikhonza abanye ngezimali zethu? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizobheka izindaba zangempela ezivela kubantu abajwayelekile abafunda ukulawula isabelomali sabo futhi baphile izimpilo zokupha.

Ukukhulisa Ibandla Elinempilo
Izinsuku eziwu 10
Njengomfundisi, uchitha isikhathi esiningi uhola futhi ukhuthaza abanye, kodwa iBhayibheli linesikhuthazo ngawe, futhi. Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-10 lukuhambisa ezindleleni ezisebenzayo ezing-10 zokuqinisa impilo yebandla lakho ngokufunda ukuncika ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngamavesi amafushane kodwa anamandla kanye nomcabango ogxilile wosuku ngalunye, Ukukhulisa Ibandla Elinempilo kuyindlela enhle yokuthuthukisa isikhathi sakho somthandazo wansuku zonke.