Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 11:28

Ukuphumula Kwaba Khathele
izinsuku ezingu 3
Uhlaka lwalesisifundo olubhalwe ngu Dr. Tony Evans, luzokupha ukuba ubone ngokujulile imiyalo emithathu eyakhishwa ngu Jesu, ukusiza wena ukuba ungene esikhathini sokuphumula ngokunethezeka empilweni yakho.

Phumula kwabangaphumuli
izinsuku ezingu 3
Lesi sifundo sizosiza abafuni ukuba bathole uKrestu, sikhuthaze amakholwa ukuthi athole ukuphumula kuKrestu ngezikhathi zezilingo zemihla ngemihla.

Ukuqonda iSabatha
Izinsuku eziwu 4
Abaningi bethu basebenza ngokweqile futhi bekhathele ngokuphelele, ngakho-ke umqondo weSabatha wawungeke ubaluleke kakhulu. Ukuhlonipha iSabatha kusho “ukuligcina lingcwele,” futhi elithi ingcwele lisho nje “ukuhlukaniswa.” Isabatha lethu kufanele libukeke lahlukile kunezinye izinsuku eziyisithupha zeviki lethu. Kuleli Cebo, sizoxoxa ngokuthi kuyini, yini okungeyona, ukuthi kubukeka kanjani namuhla, nokuthola ukuphumula kwethu kweqiniso kuJesu.

Ngikhungathwe Izibusiso Zami (Ingxenye 1)
izinsuku ezingu 5
Isikhuthazo komama esivela kumama owethule izingane zakhe ezingu-7 futhi waphila ukuze azixoxele ngakho. Lokhu kuyingxenye 1 kwezingu-12 zokuzinikela kulolu chungechunge oluvela kuRobin Meadows!

Uhlelo Lokufunda Lwezinsuku Ezingu-5 Lokuphumula Okungcwele
izinsuku ezingu 5
Ungawagcina kanjani amandla akho, injabulo, ubuhlakani, kanye nobudlelwano bubusha futhi buchuma phakathi kwezidingo zomndeni ezingapheli, izingcindezi zomsebenzi, kanye nengcindezi yempilo yansuku zonke? Kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezinhlanu olusekelwe encwadini yakhe ethi Sacred Rest, uDkt. Saundra Dalton-Smith unikeza okhatheleyo imvume yokwamukela ukuphumula, ukubeka imingcele, nokufuna indawo engcwele ngaphandle kwecala, amahloni, noma ukwesaba.

Ukuthola Inkululeko Encindezweni
izinsuku ezingu 5
Ukucindezeleka kungokoqobo, kodwa akufanele kulawule impilo yakho. NgoKristu, singakuhlela kabusha, sikugxilise kabusha, futhi sikuchaze kabusha. Uma ulwa nengcindezi, hlola lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-5 ukuze ufunde ukuthi ungathola kanjani inkululeko nokuthula.

Owesifazane Obalulekile: Ukunqoba Ukucindezeleka
izinsuku ezingu 5
Ukucindezeleka kunendlela yokunqwabelana ekuphileni kowesifazane kuze kube yilapho engakwazi ukwenza izinqumo ezisezingeni eliphezulu, ukungena engxoxweni ezuzisayo, noma ukujabulela lokho akunikiwe. Awudalelwanga ukuba ngowesifazane okhathazekile okuphila kwakhe kufiphele ngenxa yokuxakeka. Ungowesifazane obalulekile, odalelwe injabulo, ukuthula, nomthelela waphakade!

Ukugijima Umjaho: Izinsuku Ezingu-5 Zokukhuthazwa Indlela Yokuphila Esebenzayo
izinsuku ezingu 5
Kulolu hlelo lwezinsuku ezinhlanu, khuthazwa ngezindaba zokunqoba, ukuthola ukuthobeka, nokugijima kumjaho wempilo. Yenzelwe ikakhulukazi indlela yokuphila ematasa, le nkonzo emfishane ikukhuthaza ukuthi ucabange ngomjaho owugijimayo futhi uqale ukubona izinto ngombono omusha.

Vuka Ukhanye
izinsuku ezingu 5
Abantu bajwayele ukuthi, “Nika uNkulunkulu imithwalo yakho.” Uke uzibuze: Ngingakwenza kanjani lokho? Ukuphuka komhlaba kuzwakala kusinda kakhulu. Futhi njengoba ufisa ukukhanyisa ukukhanya kukaJesu, uyazibuza ukuthi lokho kubukeka kanjani uma uzama ukubona ukukhanya ngokwakho. Lesi sifundo sibheka ukuthi singaba kanjani izibani kuJesu noma umhlaba wethu uzwakala umnyama.

Ukubizelwa Ekuholeni Bobunceku
5 Izinsuku
Sibizelwe ekubeni sihole njengoJesu. Ubuholi buqala ngomuntu, hhayi isikhundla, futhi inhloso yobuholi ukuholela abantu baNkulunkulu ezinjongweni zaKhe. Isifundo ngasinye sansuku zonke sizokusiza wakhe isisekelo esiqinile lapho ungumholi khona, kukukhumbuze ukuthi ngaphambi kokuba umholi uyinceku, futhi ngaphambi kokuba ube yinceku ungumntwana othandekayo kaNkulunkulu.

Ngcwalisa Ithange Lakho
5 Izinsuku
Ezinkathini ezinzima zonyaka, kulula ukukhathala ngokomzwelo, ngokomzimba nangokomoya. Lokhu kuzinikela kusinika izeluleko ezisebenzayo zokuthi ‘singazondla kanjani’ eNkosini phakathi nezikhathi ezinzima ukuze siqhubeke siqhubekela phambili naphezu kobunzima.

Abafundi BoMbuso NgoTony Evans
izinsuku ezingu-6
Abafundi boMbuso babiza amakholwa namabandla ukuthi babuyele emsebenzini wethu oyinhloko: ukuba nokwenza abafundi. Kuphela uma sikuthatha ngokuzimisela lokhu lapho umhlaba uyobona izulu lisebenza emhlabeni. Utony Evans ufundisa ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumfundi wombuso—ikholwa kuKristu elibamba iqhaza ohlelweni lokuthuthuka ngokomoya lokufunda kancane kancane ukuphila impilo yonke ngaphansi kobukhosi bukaJesu Kristu. Uzolwamukela ubizo?

Ukujoveka Ekubeni Matasa: Ukululama Komphefumulo Ojahile
Izinsuku ezingu-7
Kulabo abahamba ngokushesha kakhulu empilweni, umhlahlandlela wokukusiza wehlise ijubane futhi uthole ukuphumula. Encwadini ethi Ekujovekeni ukuba matasa, uBrady Boyd usikhombisa ukuthi singaphila kanjani impilo ehlanganisa ukuthula nokuba sodwa, sithole ukuthula uNkulunkulu asifunela kona.

Amaqembu amancane, Ukukhula Okukhulu
Izinsuku ezingu-7
Amasonto awabiza ngamaqembu amancane, amaqembu amaseli, kanye namaLifeGroups. Ngaphandle kwamagama, akhona ukuze akhe ubudlelwano obunenjongo phakathi kwabalandeli bakaKristu. Kodwa kungani? Ingabe laba ngabantu esiphila nabo ngokukhululeka kobuKristu, noma kukhona okunye? Lolu hlelo lweBhayibheli, lweqembu le-Life.Church LifeGroups, olwanoma ubani ocabanga ukuthi uNkulunkulu angasebenzisa iqembu labo elincane ukuze abangele ukukhula okukhulu.

Indlela Yokudlula Ekuhluphekenu Futhi Ubuye Ngamandla
Izinsuku ezingu-7
Ngamunye wethu uqinisekile ukuthi uzohlupheka ngesikhathi esithile ekuphileni kwethu. Njengomeluleki, ngiye ngabona abagulayo beguqulwa. Ngike ngabona labo abake baphelelwa amandla ngenxa yokuhlukumezeka befunda ukuhlupheka kahle. Kulesi sifundo esifushane, ngithandazela ukuthi uqonde ukuthi indaba yakho ayikakapheli. ungabhekana nokuhlupheka, kodwa ungahlupheka kahle. Ungabuza, Yini elandelayo? esikhundleni sokunamathela ekubuzeni, Kungani? Ungamelana nakho.

Phumula Ekuqhathaniseni Uhlelo lwezinsuku Eziwu-7 Ngo-Anna Light
Izinsuku ezingu-7
Uyazi ukuthi uNkulunkulu ukupha ukuphila okuchichimayo kunalena oyiphilayo, kodwa iqiniso elibuhlungu liwukuthi isiqhathaniso siyakuvimbela ukuba uye kwelinye izinga. Kulolu hlelo lokufunda u-Anna Light wembula imininingwane ezophazamisa ukuqhathaniswa kwesembozo emakhonweni akho, futhi ikusize uphile impilo ekhululekile nechichimayo uNkulunkulu ayidalele wena.

Izinsuku ezingu-7 Zokuthola Ukuphumula
Izinsuku ezingu-7
Lolu hlelo lokufunda ‘lokuthola ukuphumula’ lusekelwe emazwini kaJesu akuMathewu 11:28-29. UJesu wathembisa ukuthi uma uza kuye, uzothola ukuphumula. Umgomo wale miyalezo uwukusiza ukuba uthole ukuphumula kwangempela, kungaba ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokomzwelo. Ake siqale lolu chungechunge!

Ukukhulisa Ubuholi ngokuhlakanipha kweBhayibheli
Izinsuku ezingu-8
Ukukhulisa ubuholi bethu kubalulekile namuhla. Kumele sandise, siqhakambise, sengeze futhi sikhulise ukuhlakanipha kobuholi bethu ukuqondisa indawo yethu eguquguqukayo. Ubuchwepheshe obuguquka ngokushesha, ukushintsha umsebenzi/imithelela yenqubo yeqembu, futhi nokushintsha kwezomnotho kungezinye izinkinga esihlangabezana nazo. Kepha ungacabangi ukuthi ukukhulisa ubuholi bethu kwenzelwa nje indawo yemsebenzi. Kumele sikhulise ukuqondisa amakhaya ethu futhi nasebudlelwaneni bethu. Jula namuhla ukuzuza ulwazi olufanelekile lokuhola.

Isimangaliso Esingapheli | uhlelo lokufunda lukaKhisimusi oluvela ebandleni le-New Life Church
Izinsuku ezingu-19
Lolu hlelo lwamaviki amathathu lusidlulisa ezimangalisweni ezingaphelelwa yisikhathi zokuthi uNkulunkulu weza kanjani kithi ngendodana yakhe, uJesu. Uhlelo luhlelelwe ukuthi luqale ngoMsombuluko ukuze impelasonto ngayinye ihlanganise okuqukethwe okufushane okuhloselwe ukuphumula nokuzindla ngesikhathi samaholide. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukuthi ukuzalwa kukaKristu kusho ukuthini ngekusasa lethu, elamanje, kanye nesikhathi esedlule.

Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani
Izinsuku ezingu-21
Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.