Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 1:18

Isiqalo sePhasika
izinsuku ezingu 3
Ukucabanga ngezehlakalo zangoLwesihlanu LwePhasika ezilandiswa ngabalingiswa bezindaba zokuzalwa kukaJesu. Ukuhlola okucabangayo kwesimangaliso sokuzalwa kukaJesu kanye nomhlatshelo wokubethelwa esiphambanweni.

Advent Ukudumisa
Izinsuku eziwu 4
Ithemba, uthando, ukuthula, intokozo. Lawamagama akhulunywa kakhulu ngesikhathi samaholide, kodwa ingabe siyakhumbula ukuthi yingani? Indaba kaKhisimuzi yindaba yokuthi uNkulunkulu wangenela kanjani kumlando ngokuzwela kukaJesu. Izimpilo zika Mariya noJosefa, nabelusi zaguqulwa kakhulu ngalesisenzo. Bathola ithemba, uthando, ukuthula, kanye nentokozo; masikhumbule ndawonye ukuthi nathi singkuthola kanjani lokhu ngoJesu.

Indaba kaKhisimusi
izinsuku ezingu 5
Yonke indaba enhle inenguquko- yesikhathi esingalindelekile esishintsha yonke into. Enye yezinto ezinkulu ezingaqondakali eBhayibhelini indaba kaKhisimusi. Ezinsukwini ezinhlanu ezizayo, sizohlola ukuthi lo mcimbi owodwa uwuguqule kanjani umhlaba nokuthi ungayishintsha kanjani impilo yakho namuhla.

I- Advent engapheliyo yoMndeni, Iviki lesi-4
izinsuku ezingu 5
Sigcwele ukulangazelela njengoba sincika kulesi sikhathi sokugubha ngenhloso yokulalela inhliziyo kaNkulunkulu. Hlanganyela nathi amasonto angu-4 njengathi: Bheka Ubuhle; Yephula Izithiyo; Yenza Igumbi; futhi Ziyizimanga zikaNkulunkulu. Njengazo zonke izinto ezihamba phambili ekuphileni, lolu hambo luhamba kahle kakhulu nabanye—ngakho bamba umngani noma ababili kanye nomuzwa wakho wokumangala bese ungena kwi nkathi ye-Advent.

Ukuthandaza Ngokumangalisayo NgoKhisimusi
Izinsuku ezingu-7
Indaba kaKhisimusi iyisimangaliso emva kwesinye. Kodwa ngezinye izikhathi izincazelo ziiyajwayeleka ize ilahlekelwe wumthelela. Lemikhuleko yokuzindla emifushane ikusiza ngokuthi uhlale uzinze ezenzakalweni ezingalindelekile nezibalulekile emlandweni: ukuthi uNkulunkulu yena siqu waba ngomunye wethu. Umthandazo ngamunye ubhalwe ngu David Mathis, inhloko yomdidiyeli kwa desiringGod.org ongumfundisi e Cities Church e Saint Paul, Minnesota.

Izinsuku iziyi-7 zendaba kaKhisimuzi: Isikhathi sokuzinikela komndeni
Izinsuku ezingu-7
Kubuseka sengathi sonke sidinga ukwangana okuhle, ukuxhumana kwangempela, futhi nokugubha okuthile okuthokozisayo njengamanje. Umkhuleko wethu ukuthi lenkonzo yokuzifnikela ezayo izokunikeza wena nomndeni wakho indlela yokuxhumana, ufunde ngendaba yangempela kaKhisimuzi, futhi ugubhe ukuzalwa kukaJesu ngamasiko amasha, izindaba zesikhathi sokudla, izingxoxo zokulala, futhi nemisenbenzi yomndeni. Siyethemba kuloKhisimuzi "ukwanga" kuzoletha imicabango emihle ekhaya lakho kulesizini! ezayo!

Ithemba Linjalo
Izinsuku eziwu 14
Sonke sifuna ukukholelwa ukuthi kukhona okungcono okuzayo. Futhi uNkulunkulu uyazi ukuthi sidinga okungaphezu kwezipho ezibekwa ngaphansi kwesihlahla ukuze sithole injabulo. Esikudingayo ithemba. Yenziwe yi-NewSpring Church, lolu hlelo luzokusiza ukuthi uthole amandla ethemba nokuthi luwushintsha kanjani umbono wethu ngayo yonke into ezimpilweni zethu.

Isimangaliso Esingapheli | uhlelo lokufunda lukaKhisimusi oluvela ebandleni le-New Life Church
Izinsuku ezingu-19
Lolu hlelo lwamaviki amathathu lusidlulisa ezimangalisweni ezingaphelelwa yisikhathi zokuthi uNkulunkulu weza kanjani kithi ngendodana yakhe, uJesu. Uhlelo luhlelelwe ukuthi luqale ngoMsombuluko ukuze impelasonto ngayinye ihlanganise okuqukethwe okufushane okuhloselwe ukuphumula nokuzindla ngesikhathi samaholide. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukuthi ukuzalwa kukaKristu kusho ukuthini ngekusasa lethu, elamanje, kanye nesikhathi esedlule.

Isikhathi Sokuqala Onyakeni Webandla - Wozanini Simkhonze!
Izinsuku ezingama-20
Isikhathi sokuqala onyakeni webandla siwuhlelo lwamasonto amane elenzelwe ukuholela ukunaka kwethu ekuthomeni okuthobekile koMsindisi wempilo yethu. Lesi sifundo sihlanganisa izindaba ezine ezivela kuMathewu noLuka. Sifunda icebo likaNkulunkulu lokuzalwa kukaJesu Kristu, sizwe nokuthi kwakunjani ukuba khona kule micimbi. Indlela yemibuzo nezimpendulo ingasetshenziselwa ukukhuleka kwemindeni, ingxoxo yeqembu, nokuzifundela.

Umlingo KaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
Kwabanye, uKhisimusi uyisikhathi senjabulo nokugubha. Kwabanye, kuyisikhumbuzo esibuhlungu salokho okulahlekile. Akukhathalekile ukuthi uhlangabezana nani kulesi sikhathi samaholide, uKhisimusi uyithuba lokugxila emthonjeni wethemba lethu. Sikumema ukuthi ujoyine abasebenzi baseNorth Point ezinsukwini ezingu-25 ezizayo njengoba sihlangana ukuze sijabulele umlingo kaKhisimusi. Joyina ingxoxo usebenzisa i-#NPDevo.

Ukuza: Uhambo lukaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.

Umhlaba Okhathele Uyathokoza - Uhlelo Lokufunda Lwe-Advent
Izinsuku ezingu-28
Ungalahlekelwa ukugxila kwakho ngenxa yenkathi kaKhisimusi—uJesu. Ukugubha i-Advent kuyindlela enhle yokugcina uKristu emaphakathi eholidini futhi kulolu hlelo lokufunda, uzothatha uhambo ngemiBhalo ukuze ukhulekele iNkosi yethu ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke nangokuzinikela.

Ukubalwa KukaKhisimusi
Izinsuku ezingu-29
Uyemukelwa Kukhalenda Yomsebenzi Wezinsuku ezingama-28 we-Thriving Family! Ungaphuthelwa yileli thuba lokuhlola incazelo yangempela kaKhisimusi futhi nisondelane ndawonye njengomndeni! Le misebenzi yomzali nengane yenzelwe ukukusiza ugcine le nkathi kaKhisimusi igxile kuKristu!