Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 4:14

Phila Ngokukhululeka
izinsuku ezingu 5
UJesu weza ukuzosikhulula, kodwa zingaba khona izinkathi zonyaka ohambweni lwethu Naye lapho singazizwa sikhululekile khona. Le nkonzo yezinsuku ezingu-5 izobe isikhipha emakhejini ethu ngenkathi isihlomisa futhi isinika amandla okuphila impilo yenkululeko uKristu ayifisela thina usuku nosuku. Ukuze uthole okwengeziwe, vakashela ku-finds.life.church

Ukujaha Kokungafinyeleleki
Izinsuku ezingu-7
Sonke sijaha okuthile. Ngokujwayelekile okuthile okungenakufinyelelwa—umsebenzi ongcono, ikhaya elinethezekile, umndeni ophelele, ukuthola imvume kwabanye. Kodwa akukhathalisi yini lokhu? Ingabe ikhona indlela engcono? Thola kulolu hlelo olusha lweBhayibheli lwe-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, elithi Chasing Carrots.

Silandela uJesu uMlamuleli Wethu
Izinsuku ezingu-7
Isinxibi esiyimpumputhe esikhala ngokuphelelwa yithemba eceleni komgwaqo, owesifazane oziphethe kabi odelelwa njengongcolile umphakathi onesizotha, isisebenzi sikahulumeni esikhohlakele esizondwa yibo bonke - kungenzeka kanjani ukuthi noma yimuphi kulaba bantu abavela emaphethelweni omphakathi abe nethemba lokuxhumana noNkulunkulu ongcwele? esekelwe emininingwaneni evela encwadini kaLuka ku-Africa Study Bible, landela uJesu njengoba evala igebe phakathi kukaNkulunkulu nabancishwe amathuba.

Uba kanjani Umakhelwane
Izinsuku eziwu 10
Kuthiwani uma kungadingeki sihambe ibanga elide ukuze sisondele kubantu abakude noNkulunkulu? Kuthiwani ukube amaKristu ayengomakhelwane abangcono kakhulu? Ingabe umgwaqo wakho ungashintsha? Ingabe izulu laliyogcwala ngokwengeziwe? Esikhathini eside esidlule, umholi wenkolo wabuza uJesu indlela yokungena ezulwini. Ujesu waphendula ngombuzo, kwase kuba indaba kaMakhelwane Omuhle. Akumangalisi, eminyakeni eyingu-2000 kamuva indaba kaJesu isachaza indlela yomakhelwane. Joyina uMfundisi Craig Groeschel kanye ne-Life.Church kumhlahlandlela osebenzayo, ogcwele indaba wokuhlanganyela nomakhelwane bakho futhi ubathande njengoba uzithanda wena. Kodwa ungamane uliyunde—Iphile!